Nokubongwa Phenyane
Inhloso yomcimbi ukuhlonipha abalingisi nemidlalo ehlukene ekhonjiswa kwithelevishini. Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, uzovulwa ngokumenyezelwa kwabahlomule izindondo emikhakheni ehlukene okubalwa eyabahluzi bemidlalo, abaqondisi neyabadidiyela imidlalo enohlonze.
Ngemuva kwalokho kuzobe sekungena uShekhinah anandise ngezingoma ezehlukene. Uma iqeda le ntokazi kuzobe sekumenyezelwa abahlomule emikhakheni yabaphaqula abalingisi, abacwala izinwele nabahlela izimpahla ezigqokwayo emidlalweni.
Umzukulu woMntwana waKwa-Phinda-ngene, uToya Delazy, uzocula lapho kuzobe kukhunjulwa wonke amaciko adlule emhlabeni kulo nyaka nangodlule.
Engomeni yakhe uzobe ehambisana nabadansi uThabiso Lekuba noTholakele Nkala. Uhlelo lwalo mcimbi luzobe luphethwe uMpho Pops noLerato Kganyago.
Abazowina bazobonga ngokukhonjiswa kwe-video eqoshiwe.
Osaziwayo abehlukene bazodedelana esteji bememezela abalingisi nemidlalo ewinile kulo mcimbi owasungulwa ngumlingisi uWinnie Ntshaba.
Kulo nyaka umdlalo omusha iGomora, ubangisana nomdlalo obuvamise ukuzihambela wodwa ngokuqokwa, iThe River.
Yomibili le midlalo iqokwe eminxeni engu-12. UWinnie uveze ukuthi kulo nyaka bathole izicelo eziningi zezinhlelo nemidlalo ebifuna ukungenela.