UBHOBOKE ngokungamazi uyise uMbali Ngiba, omunye wezintokazi ezisohlelweni iThe Realhousewives of Durban (Rhod).
Le ntokazi esiyaziwa ngokungakhulumi kakhulu ohlelweni, idalule ukuthi ukungamazi uyise kudala ukungezwani kahle phakathi kwayo nonina.
Lokhu ikuveze ngesikhathi ikhuluma nesoka layo bexoxa ngendaba yokuthola umntwana, lapho ithe inenkinga yokuthola izingane.
“Kumele kubekhona esikwenzayo ngendaba yami yokungakwazi ukuthola abantwana njengoba wazi. Ngicela sibonisane ngakho bese siqhamuka nesisombululo ukuze sibe nomntwana nami impilo yami sengiyiqondisile,” kusho uMbali.
Uthe inkinga enkulu abhekene nayo ukuthi akamazi uyise omzalayo manje akafuni ukwenza imizamo yokuletha umntwana kepha afike naye engaziqondi.
“Okokuqala okumele ngikwenze ukuthi ngilungise ubudlelwano bami nomama ongizalayo. Njalo uma ngibuza ukuthi ngubani ubaba wami uvele abhoke ngolaka, sigcine singasazwene. Ngisuke ngifuna ukwazi ukuthi ngubani ubaba ngoba ngezwa ukuthi washona ngisemncane,” usho kanje.
Ethintwa uMbali ngalezi zindaba unqabile ukuphawula ngayo. “Hhayi ngeke bhuti ngikwazi ukukhuluma ngalokho,” kusho uMbali evala ucingo. Esefonelwa ngemva kwalokho ubengasalubambi ucingo lwakhe.