USEMATHENI kulezi zinsuku umlingisi weDiepCity, uSiyabonga ‘Siya’ Raymond Sepotokele, odlala indawo kaSkhumbuzo ojola nabesifazane ukuze abaqole imali.
Ngokusho komlingisi baningi abesifazane asebephumele obala badalula ukuthi bayizisulu zalo mkhuba webesilisa.
URaymond uthi kukhona owesifazane okhihle isililo ekhuluma naye, wathi indawo kaSkhumbuzo imvusela iminjunju yokuqolwa yindoda egameni lothando.
‘’Kunomunye umama engisebenza naye othe le ndawo imvusela umunyu ngoba uke wagilwa ngowesilisa ngendlela efanayo nekaSkhumbuzo,’’ kusho uRaymond.
Le nsizwa eneminyaka ewu-27 engeyokuzalwa eSoweto, eGauteng, iyawugxeka umkhuba wabesilisa, ithi wehlisa isithunzi samadoda.
URaymond waqala ukulingisa le ndawo ezitshela ukuthi ingamdalela isigcwagcwa kubantu kodwa kunalokho uyibona imakhele ugazi. Kodwa uthi yena uhluke kakhulu kunoSkhumbuzo kangangoba nabantu abamaziyo bayashaqeka uma bebona elingisa le ndawo, yokuqola abasefazane.
Uqhube wathi yize aqala ukulingisa kwithelevishini kwiKeeping The Score, indawo kaLehasa kodwa imgqamise kakhulu indawo kaNjabulo ayilingise kwiThe River. Uthe uNjabulo wamphonsela inselelo yokuba acwaninge kabanzi ngokuba ngumuntu wesilisa othandana nabesilisa
"Yingoba ngangifuni ukuba abantu abaphila le mpilo bazizwe bedelelekile ngenxa yendawo engiyidlalayo." Uthe nakuba wayelindele ukuba umphakathi umcwase njengoba wenza kwabanye kodwa kuye umphakathi ubuqonda ukuthi uyalingisa.
"Le ndawo yangenza ngaphoqeleka ukuba ngenze into engingayijwayele futhi ngingathi yangikhulisa ekulingiseni."
Uthe lumsebenzele ulwazi lokukhuluma izilimi eziningi zendabuko kuleli ngoba lumfake emidlalweni eminingi.
"Sengikwazile ukulingisa indawo yomSuthu, eyomZulu, eyomTswana nezinye. Bese ngifuna ukudlala indawo yomXhosa kanti ngizoyithola kwiLingashoni. Ngiyilingise kahle kakhulu futhi nabantu abaningi baze bazitshela ukuthi ngingumXhosa."
Uthe isiZulu usifunde kugogo wakhe odabuka eKwaZulu Natala, kanti nakubo bekukhulunywa sona. "IsiSuthu ngize ngasifunda sengisemabangeni aphezulu esikoleni. Empeleni ngiyakuthanda ukukhuluma zonke izilimi zakuleli. Ngisaxakwa yisiPedi kuphela kodwa naso ngizogcina sengisazi. IsiBhunu sangikhipha inkani nasesikoleni."
USiya Raymond uselingise emidlalweni eminingi yethelevishini okubalwa kuyo othi Lingashoni, Isiphindiselo, Isibaya, The Republic, Impilo: The Scam, Muvhango, Broken Vows, Vutha neminye.