UMLINGISI uBaby Cele-Maloka, indawo abeyilingisa kaGabisile esanda kuphela emdlalweni Uzalo kuSABC, useveze ukuthi ungomunye wabalingisi abazobonakala emdlalweni omusha ozoqala ku-e.tv.
UBaby Cele ufake isithombe sakhe nomlingisi ogcine ukubonakala emdlalweni Isidingo uLindani Nkosi, wathi bazobe bengabaganene kulo mdlalo abazobe bedume ngelikaMnuz noNkk Nkosi.
“Sinethulela uMama noBaba uNkosi enizobabona emdlaweni omusha ozayo ku-e.tv,” kubhala uBaby Cele ngamafuphi.
Ngeledlule Isolezwe lizame kaningi ukuxhumana noBaby Cele ukuzwa ngokuphela kwendawo ayilingisayo kuZalo, kodwa langaphumelela ukuxoxa naye njengoba kuvele ukuthi umatasa nokuqopha emdlalweni omusha .
Leli phephandaba libike ngalo mdlalo ozovala isikhala seRhythm City ekhonjiswa ngo-7 ebusuku phakathi nesonto, okwamenyezelwa ukuthi iyaphela ngoJulayi 16, emuva kweminyaka engu-13 ikhona.
Ngokuthola kweSolezwe izinhlelo zomdlalo ozongena esikhaleni sayo ziya ngokuvuthwa njengoba inkampani ezowuqopha isikhona, futhi isiqalile ukuqopha.
"Ikhulunyelwa phansi eyomdlalo omusha obizwa ngeHouse of Zwide. Nakuba abaphathi beBomb Production bengakafuni ukuphumela obala kodwa sekutholakele ukuthi sebethole ikhaya elisha kwa-e.tv njengoba kuthiwa iHouse of Zwide izongena esikhaleni seRhythm City," kusho umthombo.
Uthe kunezingqalabutho zeSibaya ezizofudukela kwiHouse of Zwide ukuyoshukumisa kanjalo nabasebenzi.
Inhloko yemidlalo evutshelwe eNingizimu Afrika yakwa-e.tv uHelga Palmer, ikhuluma neSolezwe ngalo mdlalo omusha iveze ukuthi okwamanje ngo-7 basagxile kwiRhythm City kuze kufike isikhathi sokuphela kwayo.
Ukuphela kweRhythm City kulandela isimemezelo sokuphela kweSibaya kuMzansi Magic esizophela ekupheleni kuka-Ephreli.
KwaSABC 2 ngakolunye uhlangothi khona kuncishiswe isikhathi okudlala ngaso iMuvhango njengoba isidlala izinsuku ezintathu ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu.
Kusona lesi siteshi kube sekubuyiswa umdlalo iGiyani.