UBUYA ngegiya eliphezuu umdlalo iGenerations: The Legacy, lapho kuzobonakala abalingisi abasha nabenza ibuya, ngenyanga ezayo.
U-Aubrey Poo, umlingisi owaduma kuMuvhango, ungomunye wabazobonakala maduze lapho ezolingisa indawo kaKhumu Maroka, indodana encane yakwaMoroka.
Zikhuza ibuya izihlabani ezingoRapulana Seiphemo (Tau Mogale), noConnie Ferguson (Karabo Moroka). Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Ephreli nonyaka, abalingisi bavelile isikhashana emngcwabeni kaMazwi Moroka.
“Sithanda ukwamukela u-Aubrey Poo, njengomunye wabalingisi abasha abajoyina umdlalo odumile. U-Aubrey uletha isipiliyoni esihle ngoba uke wavela kaningana emidlalweni yakuleli. Unethalente eliyisimanga futhi uzoletha ubuyena nobuciko endaweni azoyidlala kaKhumu Moroka.
“Le ndawo imfanele, yindawo yomfana omncane wakwaMoroka obheke inkampani yezimayini yalom ndeni. Indawo azoyidlala yokuba yisigebengu neqili bazoyithakasela ababukeli ngenxa yethalente lakhe,” ngokombhalo wesitatimende.
Kulindeleke ukuthi ukubuya kwabalingisi ababenedumela kudala uKarabo noTau kuzojabulisa abalandeli njengezikhathi zakudala.
“Ababukeli bangalindela into ecokeme ngoba lomdlalo ubuya ngegiya eliphezulu, kuzobe kuhlekwa, kuliwa kubulawana futhi. Kuleli hlobo sithi wonke umthandi weGenerations akahlale eduze nethelevishini avule iSABC 1 njalo ngo-8 ebusuku phakathi nezinsuku,” kuphetha isitatimende.
UConnie obenguPhrojusa futhi elingisa emdlalweni owaphela iThe Queen, ekuqaleni kwalo nyaka waveza ukuthi kube nzima ukuqhubeka nempilo ngemuva kokushonelwa ngumyeni owabulawa yiCovid-19, uShona Ferguson.
“Ngangibuthaka kakhulu emoyeni. Ngangingasabuthi qothu ubuthongo. Nokudla kwakungasangeni nhlobo. Ngangingumuntu ohlale, alale esibhedlela,” kuchaza uConnie.