Nokubongwa Phenyane
IKHUZA ibuya emdlalweni Uzalo inkakha yomlingisi eke yabonakala kulo mdlalo kodwa yabuye yashiya, uGlen Gabela. UGlen kulo mdlalo ubonakale amasizini amabili kuphela eyesithathu neyesine lapho ebelingisa khona indawo kaPastor Melusi Mdletshe.
Ukubuya kukaGlen kulo mdlalo kuvela ukuthi kuhambisana nokubuya kukaMumsy (Nomcebo Gumede), obonakale kulo mdlalo kuleli sonto.
NgoLwesithathu ekhasini likaTwitter lalo mdlalo, kufakwe isithombe sikaGlen kwavezwa ukuthi lo mlingisi uyabuya kulo mdlalo.
“Ingqalabutho uGlen Gabela (Pastor Mdletshe), ibuyile la eyenza khona umlingo namhlanje,” kubhalwe kanje kuleli khasi.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni ongaphakathi kulo mdlalo, uveze ukuthi uGlen ungomunye wabalingisi abazobonakala kulo mdlalo njengoba kuqhubeka isizini yesithupha.
“Ukubuya kwakhe kulo mdlalo kuxhumene nokubuya kukaMumsy, useqalile ukuqopha njengoba nibona nje befaka izithombe ezinkundleni zokuxhumana. Baningi abalingisi ababuyayo kuZalo nabasha abazobonakala kulo mdlalo njengoba kubukeka sengathi abanikazi bawo bafuna ukuqhubeka nokujabulisa ababukeli,” kuchaza umthombo.
Umthombo uthe abanye balaba balingisi bazobonakala kulo mdlalo isikhathi eside abanye bazobonakala amasonto ambalwa bese benyamalala.
UNomfundo Zondi, okhulumela lo mdlalo, uthe: “Maduzane ababukeli nabezindaba sizobazisa ngokuzokwenzeka kulo mdlalo njengoba sizokhipha isitatimende esizochaza kabanzi ngabalingisi ababuyayo, abasha nabadala.”
Kubuya uGlen kulo mdlalo nje, ababukeli bawo basanda kumangazwa ukubuya kukaThulane Shange, okwavela ukuthi uxoshiwe ngo-Agasti kodwa kungapheli sikhathi esingakanani wakhuza ibuya.