EMUVA konyaka isilomo somlingisi sinyamalele emdlalweni waphakathi nezinsuku kuMzansi Magic, Isibaya, sesizophinde sibonakale futhi.
UZakhele Msibi odlala indawo kaNkabinde owumthakathi, uzobuya kulo mdlalo nokulindeleke ukuthi aqale ukubonakala lingakapheli leli sonto. Kuzokhumbuleka ukuthi kwagcina kuvela ukuthi ufile kodwa ngenxa yendawo ayidlalayo namandla anawo kuzovela ukuthi akuzange kube njalo.
Leli phephandaba lithole ukuthi usenesonto eqale ukuqopha kabusha nalo mdlalo.
Ethintwa uvumile ukuthi uyabuya kulo mdlalo wathi ababukeli abalindele ukushisa ngoba uyindoda elala iphenduka.
“Senginonyaka ngingekho bengimatasa ngibhala eminye imidlalo emibili esengiyenzile, ukulingisa kimi kusegazini kuwumsebenzi engiwuthandayo. Noma bese kusho ukuthi kade ngama ukuqopha kodwa ngisheshe ngabuyela ngoba indawo eyayisegazini. Kuyangijabulisa ukuthi ngiyaqhubeka nomdlalo ngoba nabantu kade bekhononda bengibuza ngale ndawo,” kusho uMsibi.
Ngaphandle kwemidlalo abeyihlanganisa, ubematasa nanomculo alungiselela ukuwukhipha maduze.
UMsibi uthe okwamanje usahlanganise i-EP ezophuma kuwona lo nyaka yize engakabi nosuku oluqondile.
“Ngenze izingoma ezihlukene okukhona esizohlukanisa ngayo unyaka ethi Sibadala Thina. Kodwa kukhona nengoma yama-piano neyokholo ngixubile ngishaya ngesigqi sakudala ngoba ngibone abantu abaningi sebegxile kwezama-2 000,” kusho uMsibi.
Eqhuba uthe kuningi akufundile ngokusebenza nabantu esebenamava emculweni nokuyikho okwenze yaba impumelelo i-EP yakhe.
“Baningi abantu abaziwayo engisebenze nabo ngihlanganisa lezi zingoma. Lena yekwaito ngiyishaya ngendlela yakudala yikho ngiyihlanganise noSbu waMaloya. Ngifuna ukukhombisa nezingane ezisakhula ukuthi sesibadala nomculo wethu ushaya kanjani. Kodwa ngibakhumbulile nabo ngathi ukufaka ipiano kancane,” kusho uMsibi.
Ephetha uthe uyabanxusa bonke abathandi bomdlalo Isibaya ukuba baqhubeke nokweseka lo mdlalo ngoba kuningi ezanakho.
Uthe ngisho le ndawo kaNkabinde ayidlalayo isazoshaqisa abaningi ngoba ushaya ngolunye unyawo obelungalindelwe kuye.