ABAHLELI bamaCrown Gospel Music Awards baqinisekise usuku okuzosingathwa ngalo imiklomelo yalo nyaka.
Emasontweni amabili edlule leli phephandaba libike ukuthi abahleli bathi izoba khona kodwa imininingwane ephelele ibingakakabikhona.
Inkampani ewahlelayo iWorld Gospel Powerhouse, ithe amaCrown alo nyaka azoba ngoNovemba 29.
“Sesifile yizingcingo nemibuzo yabantu abasendimeni yomculo,” kusho umsunguli wemiklomelo uZanele LaMbokazi Nkambule.
“Abaculi bebefuna amafomu okungenela kusukela ngoJulayi. Kuyasijabulisa ukuthi ekugcineni sesingaqinisekisa ukuthi amaCrown azoba sekupheleni kukaNovemba futhi sizogcina yonke imithetho yezokuphepha ethinta iCovid-19.”
Uthe bazinikeze isikhathi kuze kube uSepthemba 15 ukubona ukuthi umcimbi uzoba online ngokuphelele noma okunye kuzokwenzelwa lapho uba khona.
“Kuzoncika emiyalelweni kahulumeni. Sihlelela zonke izimo futhi sizowenza isimemezelo esiqondile ngoSepthemba 15,” kusho imenenja yamaCrown, uZama Mkhize.
UZanele uthe abantu abaningi baphethwe wukhwantalala ngenxa yeCovid-19 abanye sebelahle ithemba.
Uthe abanye abakwazi ngisho ukuya ezinkonzweni, okushiya isikhala empilweni yabo esizogcwaliswa ngamaCrown.
“Indikimba yalo nyaka ithi Hope and Revival. Siletha imvuselelo enkulu ngoNovemba 29. Abaculi bowokholo bazoyisa abantu enkonzweni futhi sithi uJehova usekhona,” kusho uZanele.
Uthe ukungenela kuzovulwa ngo-Agasti 15 kuze kube uSepthemba 30 futhi abafuna ukungenela bangathola amafomu ngokuthumela i-email [email protected].