UZOQALA ngo-Ephreli 5, umdlalo okulindeleke ukuthi udonse amehlo abaningi kuSABC 3, ozodlala ngo-7 ebusuku iThe Estate.
Lo mdlalo uzokhonjiswa ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu.
Ngenyanga edlule abakwaSABC3, bamemezela izindaba zokuthi bazokhombisa lo mdlalo kodwa bangaphuma nokuthi uzoqala nini, bathi lokho bazokumemezela ekuhambeni kwesikhathi.
Ngempelasonto babe sebememezela izindaba zokuthi uzoqala nokuthi uzodlala ngasiphi isikhathi kulesi siteshi.
Lo mdlalo omusha uzongena esikhaleni esavuleka emuva kokuphela kweSidingo esase sihluleka ukuheha ababukeli.
Phakathi kwabadlali abazobonakala kuwo kubalwa iningi labo elisuke emdlalweni Isibaya, nawo lo mdlalo ophelayo ekupheleni kwale nyanga.
Kubalingisi kubalwa uSdumo Mtshali, u-Aubrey Pooe, Zenokuhle Maseko, Linda Sebenzo, Matli Mohapelo, Dineo Langa, Jo-Anne Reyneke nabanye.
UPat van Heerden ongumphathi kwaSABC3, uveze ukuthi kulo mdlalo kuzovela izimfihlo ebezifihliwe.
"Umdlalo uzogxila emindenini eyiziqumama ehlala e-Echelon Estate, bese kuba imindeni ephakathi nendawo ngokomnotho neyabadla imbuya ngothi abangena ngenxa yokuzosebenza. Izinkinga yizona ezenza lo mdlalo ujabulise. Enye indawo ezogqama yilokishi laseThembalethu, abantu bakhona abafuna ukuthatha indawo okwakhe kuyo iziqumama abakholwa wukuthi zakhe emhlabeni wokhokho babo," kusho uPat.
Uveze ukuthi kulo mdlalo kuzogqama nezindaba ezimayelana nesimo samanje eNingizimu Afrika, ezothando nokunye.
"Okunye okusijabulisayo yizilimi ezizokhulunywa kulo mdlalo njengoba udidiyele abalingisi bebala elahlukene, abakhuluma izilimi zakuleli ezingu-11. Siyathemba ukuthi uzobajabulisa abantu bakuleli futhi wenze kahle ngisho noma kuza kubabukeli,“ kuphetha uPat.
Eziteshini zakuleli ezihlukene kulindeleke ukuthi kuqale imidlalo emisha njengoba eminingi kuphela ngayo kule nyanga nasekuqaleni kwenyanga ezayo.