NOKUBONGWA PHENYANE
SINGASE siye KwaZulu-Natal noma eMpumalanga isicoco sohlelo ama-Idols SA isizini ka-16, ezophela emasontweni amabili azayo.
Phakathi kukaLungisani Mthethwa waseRichards Bay owaziwa ngoMr Music, Brandon Dhludhlu waseBarberton noZama Khumalo waseWitbank eMpumalanga, oyedwa ngoDisemba 20, uzokhala emuke nesicoco salo nyaka.
Izolo baqophe izingoma zabo okokuqala ngaphansi kwesitebela iKalawa Jazzmee, abathi kube yinto abangeke bayikhohlwe njengoba besebenza no-Oskido.
Bekhuluma neSolezwe babonge ithuba abalithole kulolu hlelo kodwa okukhulu kakhulu, ukuvotelwa abantu bakuleli abathi yibona abababeke lapho bekhona.
UBrandon uthe uzizwa ethobekile ngokufika kulesi sigaba ngoba ubengaqali ukuza kulolu hlelo.
“Ngiyabona ukuthi ngesikhathi ngiza ekuqaleni isikhathi sasingakangilungeli, kulokhu bengizimisele ngazi ukuthi ngifunani. Kulokhu bese ngazi ukuthi ngizokwenzani yingakho ngila manje,” kusho uBrandon.
Uthe into ecishe yamlimaza uma ebheka emuva, uvalo akade eba nalo njalo ngamaSonto, uma ecabanga ukuthi angase ahambe.
“Uyabona lo mzuzu oba nawo uma senisele nobabili nalo ohambayo uyalimaza kakhulu, kodwa kukho konke ngila ngikhona ngenxa yokusebenza kanzima ngilalela lokhu engitshelwa kona.”
Uthe umculo yinto azoqhubeka nayo noma kungathiwa akawini kulolu hlelo.
UZama uthe ujabule ngokufika kulesi sigaba, njengoba ngo-2017 eke wazama inhlanhla kodwa wangaphumelela.
“Ngaleso sikhathi angifikanga ngisho phambi kwamajaji, kodwa kulo nyaka angizibambezelanga ngempela ngazinikela yingakho ngila manje. Ngiyabonga kakhulu futhi kubalandeli bami ngokungivotela, ukuzimisela nokulalela nakho kungisizile njengoba ukuphuma bengikulindele ukuthi kungenzeka noma yinini,” kuchaza uZama.
UZama uveze ukuthi noma engawinanga kodwa uzimisele ukusebenza nabantu abafana noNtokozo Mbambo, Amanda Black nabanye.
UMr Music uthe manje usephelelwa amazwi kodwa ubonga wonke umuntu omvotelile.
“NgeSonto ngesikhathi ngisele noZanothando ngizizwe ngiphelelwa ithemba, ukukhala kwami ngesikhathi ngizwa ukuthi ngikwiTop 3 kwenzeke ngenxa yokuthi ngilahlekelwe umngani, umuntu ebesisizana naye kakhulu ohlelweni,” kuchaza uMr Music.
Uthe njengoba izolo bebeqopha neKalawa Jazzmee, u-Oskido ufike wabona ukuthi yikuphi lapho kufanele agxile khona njengoba beqopha uhlobo lomculo afuna ukuwucula.