ISITESHI sakwaM-Net sesiwakhiphile amagama abesilisa abahlanu abazobonakala ohlelweni lokuqala kuleli iThe Bachelorette South Africa.
Kulolu hlelo oluzoqala ngoFebhuwari 11 kuM-Net ngo-7 ebusuku, kuzobonakala intokazi yaseKapa uQiniso Van Damme, ifuna uthando ngokubambisana nabesilisa abaqhamuka emadolobheni ahlukene kuleli.
UQiniso ungenye yezintokazi ebezifuna uthando kwisizini yesibili, ohlelweni iBachelor, ngonyaka odlule.
Ngemuva kokuphela kohlelo iBachelor, ophrojusa balo baveza ukuthi ngeke ibe khona kulo nyaka kodwa, bazoqala olufana ncamashi nalo, iBachelorette.
AbakwaM-Net esitatimendeni abasikhiphile baveze ukuthi kuningi abasazokumemezela, okuzayo kulolu hlelo nokuzomangaza abaningi.
“Sesikubheke ngabomvu ukubona le ntokazi iqala uhambo lwayo lokufuna uthando. Lolu hambo oluzobonakala lugcwele yonke into ongayicabanga kubantu abafuna ukuba sothandweni, okubalwa kuko injabulo, ukuphuka kwenhliziyo, izinyembezi nezimpi ezizobonakala kwabesilisa abazobe behlezi endlini bezozama inhlanhla kule ntokazi,” kusho isitatimende.
Siveze ukuthi abesilisa abasebencane abazobonakala ohlelweni maduzane bazobona ukuthi abanezinhliziyo ezisheshe zizwele bazothwala kanzima kulolu hlelo.
“Abesilisa abazobonakala kukhona abalingisi abasafufusa, abakhangisi bezimpahla nabanye abasafunda abenza iziqu zabo zemfundo ephakeme ezikhungweni ezahlukene kuleli,” kusho isitatimende.
Baveze ukuthi kusukela manje bazolokhu bekhipha abanye besilisa abahlanu isonto nesonto kuze kube kuqala uhlelo.
Kwabesilisa bokuqala abakhona kukhona insizwa yaseThekwini uTen Naidu (36), okhulele emazweni ahlukene phesheya kwezilwandle, osanda kubuyela kuleli njengoba ethi uzofuna uthando ezintokazini zangakubo.
Kukhona no-Uan Meyer (26) waseBloemfontein, kodwa ohlala ePitoli owenza iziqu zakhe emkhakheni wokwakha.
UKganya Rapoo (23) waseGoli oyi-Accountant, naye uzobonakala ezama inhlanhla kuQiniso.
Ababili bokugcina abamenyezelwe kuleli sonto oBradley Newton (29), waseGoli osemkhakheni wamabhange nemishwalense, owokugcina uDylan Heneck (28) waseKapa, osendimeni yomculo.