UNkanyiso uke wabanjwa ngamawashingi ngomunye umbukeli walo mdlalo kwenye inxanxathela yezitolo ngoba emsola ngokuhlukumeza uzakwabo, uNosipho Xulu (okuyindawo elingiswa uNompilo Maphumulo).
"Wamshaya ngempama maqede wathi akayeke ukushaya abantu besifazane. Uma efuna impi akalwe naye. Akubange kusabakhona ukubambana ngezandla njengoba kwase kungenelele abanye abantu abavimba leyo ngxabano," kusho ozibonele kwenzeka lokhu.
Ekhuluma neSolezwe NgoMgqibelo, uNkanyiso uvumile ukuthi uthwele kanzima ngenxa yale ndawo ayidlalayo. Uthi abantu uma bembona bayamsabisa bathi kayeke ukuhlukumeza uNosipho.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela Uzalo, uNomfundo Zondi, ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga ukuthi sebeyazi yini ngalesi sigameko.
Akukhona okokuqala kunabalingisi abahlaselwa ngababukeli. UPamela Nomvete owayenguNtsiki kwiGenerations wake wahlaselwa ngenxa yale ndawo ngoba bezitshela ukuthi uyafana nayo.
UZonke Mchunu ongu-Imani kuMuvhango wahlaselwa esolwa ngokuchitha imishado yabantu.
Ngokusho kweziqephu zoZalo zikaNovemba, uNjeza uzogcina ekhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngenxa yodlame lobulili ngoNovemba 12 maqede agwetshwe iminyaka elishumi nambili ngecala lokuhlukumeza, elokuzama ukubulala nelokulimaza impahla.