OWAZAKHELA udumo ngokulingisa indawo kaBobo kwiYizo Yizo nekaBakstina kwiTshisa, u-Innocent Masuku, uyazisola ngokugxila ezidakamizweni.
U-Innocent oseqwashisa intsha ezinkundleni zokuxhumana, uthe baningi abangani abaqotho namathuba okwamlahlekela ngenxa yokucwila ezidakamizweni.
"Noma ngizisola ngesikhathi esangilahlekela kodwa akukho esengingakwenza ukusibuyisa. Kubuhlungu. Ngingabukeka ngiziqinisa kodwa ngaphakathi kusangidla.
“Ngicabanga ukuthi ngiyingxenye yengcosana yabantu abasinde ngokulambisa emuva kokuzama iminyaka eminingi ukulaxaza izidakamizwa."
Uthe kuke kufike kuye ukuthi ngabe ukude nempilo ukube akawalahlanga amathuba. Uthe wasizwa ukuya esikhungweni sokuhlumelelisa izimilo iminyaka emihlanu. Unxuse ukuba anikezwe ithuba lesibili ngoba awukho umgqomo wokulahla abantu.
"Asihlanganeni. Uma unenkinga phumela obala. Asisizaneni. Ngiyazi ukuthi noma ungaya esikhungweni sokuhlumelelisa izimilo kodwa naso ngeke sikusize uma ungakakulungeli ukushintsha. Uguquko luqala ngawe yize lubuhlungu."
Uthe yize esazisola ngakwenza ngoba namanje usenenhliziyo eyophayo kodwa usazithethelela. Njengoba ayelingisa indawo kaBobo kwiYizo Yizo, okuwumfana owayedla izidakamizwa eSupatsela High, u-Innocent uthe akazisoli ngokulingisa le ndawo ngoba lo mdlalo wawufuna kukhunyulwe ngokukhululeka ngezihloko ezinjengezidakamizwa.
Uthe intsha ingena ezidakamizweni ngenxa yokuthi inesikhathi esiningi engenzi lutho ngaso futhi ayinabo abantu abayisibonelo esihle emphakathini.
Unxuse intsha ukuba ihambele imihlangano yomphakathi ukuze ibheke izinhlelo ezingayisiza.
Uveze nokuthi usejoyine iqembu lezepolitiki i-EFF. Uthe okumenze wajoyina leli qembu wukuthi ufuna ukubamba iqhaza ekufukuleni umphakathi wangakubo eZola 3, eSoweto.