USOMABHIZINISI waseRichards Bay uLucky Gumbi, usenxuse abantu bakuleli ukuthi bangalinge bathatheke ngabantu abaqola besebenzisa igama lakhe ezinkundleni zokuxhumana.
ULucky ukusho lokhu ngemuva kokuthi kube khona owenze ikhasi enkundleni yokuxhumana i-Instagram, esebenzisa igama lakhe.
“Mina namakhosikazi ami sakhetha ukuphuma ezinkundleni zokuxhumana. Kodwa kukhona umuntu ngemuva kwalokho owaqhubeka esebenzisa igama lami efuna abantu imali. Akangagcina lapho, ukhuluma nosaziwayo abahlukene, kube sengathi yimina,“ kusho uLucky okuyimanje kukhonjiswa uhlelo olukhuluma ngempilo yakhe namakhosikazi akhe, oluthi The Gumbi’s.
Uthe abantu abayeke ukukhuluma nalona wesilisa njengoba kukhona noxhaxha lwabesifazane olucela imali kuyena, abacabanga ukuthi bakhuluma naye.
“Bese kunesikhathi nginxusa abantu ukuthi bangalinge balandele noma yini oluthinta igama lami ezinkundleni zokuxhumana. Engikusaba kakhulu ukuthi abantu bazoqoleka bese kucatshangwa ukuthi imina kanti cha. Abakugweme nje okuthinta mina nezinkundla zokuxhumana njengoba kungemina,“ kuchaza yena.
Uhlelo lukaLucky namakhosikazi akhe uBayede noNombuso lungezinye izinhlelo ezibukwa kakhulu kwiSABC 1 selokhu lwaqala ngoDisemba.