UMLINGISI odume ngokudlala indawo ka-Agatha kwiDurban Gen, uMpume Mthombeni, uzokwethula inkulumo eqavile emcimbini wamazwe ngamazwe, iWorld Nations Oceans Day, e-UN Headquarters, eNew York, e-USA namhlanje. UMpume uzobe edingida ngaphansi kwesihloko esithi "Planet Ocean: Tides are changing." Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, uMpume uzobe eshiyelana inkundla nezitatanyiswa zakwamanye amazwe. Ngaphandle kwenkulumo eqavile azoyethula, Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uMpume uqale ukubamba iqhaza kulo mdlalo ngokubonakala elingisa emdlalweni weshashalazi osihloko sithi Lalela Ulwandle ngoLwesithathu.
Uthe kuyinjabulo kuye ukusebenzisa amandla okuxoxa indaba ngomgomo ngolwandle. "Izindaba zethu thina ziyikhambi elidingwa ngabathatha izinqumo ngolwandle." Uthe indlela yokuxoxa indaba neyokuyilalela idlala indima enkulu ekuhlomiseni abantu ngolwazi ngobumqoka bolwandle. Umqondisi wenkampani edidiyele lo mdlalo weshashalazi, uDylan McGarry, uthe unethemba lokuhlanganisa ndawonye ongoti bamasiko nabamagugu namaciko ukuba baqhamuke nendlela yokunakekelwa kolwandle. Lo mdlalo uke wasetshenziswa njengobufakazi ecaleni elavulelwa izinkampani zikawoyela nezikagesi. Kwakungokokuqala ngqa kusetshenziswa ubuciko njengobufakazi enkantolo. Lo mdlalo uzobuye udlalwe e-176 Saint Nicholas Avenue, eBrooklyn, eNew York ngoMsombuluko nakwiNuyorican Poets Cafe eNew York ngoMgqibelo. Kuyo le ngqungquthela kubuye kwakhonjiswa ifilimu esihloko sithi Indlela Yokuphila.