NJENGOBA kuphela ngeDiepCity kuMzansi Magic ngoMashi nonyaka, abalingisi abaningi bazophoqeleka ukuba bayofesela eminye imisebenzi, kodwa akunjalo kuLebohang Mpyana, olingisa indawo kaKhelina. Ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye kuLebohang (33) njengoba ezobonakala emdlalweni odidiyelwe yinkampani yaphesheya, ozokhonjiswa kwiShowmax.
Ebuzwa kabanzi ngalo mdlalo, uthe akakwazi ukuchaza ngawo ngenxa yokuthi abadidiyeli bawo bamdonse ngendlebe ukuthi aze engathi vu. Uthe abantu bazobona olunye uhlangothi ngaye ngoba kulokhu uzobe engahlekisi.
ULebohang ubonge iDiepCity ngokumnikeza ithuba lokuba avele aziwe, kangangoba sekunemicimbi eminingi yamahlaya asebamba iqhaza kuyo ngenxa yendawo kaKhelina ayilingisayo.
Yize esephenduke intandokazi ezibukelini zeDiep City kodwa uLebohang unesilonda esingasoze saphola emphefumelweni. ULebohang uthi okumphethe kabi wukuthi abazali bakhe abalitholanga ithuba lokumbona evelela kule ndima.
"Ubaba wangishiya ngineminyaka eyisikhombisa, kwathi umama yena washona ngineminyaka emine. Ngikhuliswe wumkhulu nogogo ngisemncane ngaze ngaka. Yize umkhulu naye ebuye wangishiya emhlabeni kodwa ugogo usekhona. Ngisaziqhenya kakhulu ngaye futhi ngisazimisele ngokumenza aziqhenye naye ngami."
Uthe kusho lukhulu kuye ukulingisa kulo mdlalo ngoba useyisibonelo esihle ngakubo.
"Ngiwumuntu wokuqala ngakithi endaweni yaseMoletji, ngaphandle kwasePolokwane, esigodini saseGamokgokong ukuvela kwiTV. Namanje angikholwa uma ngibona abantu ngasekhaya bengingunga, bengijabulela ngengikwenzayo. Sengiyiqhawe ngasekhaya nomphakathi wangakithi uyaziqhenya ngami."
Echaza ngokungena kulo mdlalo, uthe wabonwe ehlekisa kwi-Instagram, wabe esecelwa ukuba angenele inhlolokhono kwaze kwaba kabili ngaphambi kokuqashwa.
Uthe ukujabulisa abantu wakuqala esafunda esikoleni samabanga aphansi ngakubo, kodwa engazitsheli ukuthi uzogcina esephila ngakho.
"Yize bengiqala ngqa ngeDiep City ukuvela kwiTV kodwa ngiqale ngokulingisa emidlalweni yeshashalazi. Emuva kwalokho ngibe sengidlala emdlalweni owuchungechunge emsakazweni waseLimpopo iThobela FM." Eqhuba uthe ukufika kweCovid-19 nokuvalwa kwezwe kumqedele umsebenzi. Uzithole esebhuquza ekhaya njengabanye abantu bakuleli. Nakuba kunjalo uthe yilapho eqhamuka khona nokuveza ikhono lakhe lokuhlekisa emphakathini.
"Ngibe sengithatha isinqumo sokubhala imidlalwana yamahlaya. Kube nabantu ebebengigxeka, bethi ngeke ngiphumelele kule nto engiyenzayo. Bengivele nje ngibahleke ngoba mina bengazi ukuthi ngenzani." Kube sekuqhamuka umngani wakhe neqhinga lokuthi afake imidlalo yakhe kwi-Instagram, okuyinto abengenayo futhi engenandaba nayo. Ungenile kwi-Instagram, waqala ukwenza iziqephu zakhe ezihlekisayo. Uthe yilapho ebonwe khona ngabadidiyeli beDiep City, base bemcela ukuba angenele inhlolokhono.
ULebohang uthe waphothula uGrade 12 eKgabo Secondary, wabe esedlulela e-Indogo Fundzani, ePaul Rapetswa Institute of Dramatic naseMahuma Institute for the Arts (Mia).