SANELE NDLOVU
UMLINGISI waseNanda wodumo lukaGugu no-Andile, uLungelo Dhladhla, uthole ingqayizivele yethuba lokuyofundisa phesheya ngohlelo lwabo lwethelevishini oluqwashisa ngezidakamizwa.
ULungelo uzolubangisa eSpain nozakwabo abedidiyela naye iKick It ebisakazwa yiSABC 1 phakathi nezinsuku, uSbu Ngobeni.
Laba badidiyeli basungula inkampani yokuqopha, iMindset Concept Production House, bazobe behlanganyele namanye amazwe eBarcelona, eSpain ngomhla ka-9 kuya ku-13 Meyi kuwo lo nyaka. Bazobe bedingida kabanzi ngalolu hlelo nangempumelelo abayizuzile ngalo.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uLungelo uthe kule ngqungquthela, ebizwa nge-International Public Television Screening Conference (Input), kuzobe kukhulunywa ngezinto ezakha umphakathi.
"Lapha kuzobe kuhlangene izinkampani ezikhiqiza izinhlelo ezikhuluma ngokuqwashisa abantu nokubakha. Izinhlelo ezikhuluma ngempilo yangempela," kusho uLungelo.
Ubuye wathi bona bakhethwe ngoba bathinta indaba yezidakamizwa, ikakhulukazi eGoli. Uqhube wathi bayokhuluma ngezinkinga ezikhona eNingizimu Afrika ezithinta izidakamizwa.
"Bazophinde basibuze nokuthi sizisiza kanjani thina la ezweni lethu nokuthi sizimisele ngokuqhubeka yini nalo lolu hlelo," uqhube kanje.
ULungelo uthe bakuthakasele ukuba yingxenye yomcimbi ngoba maningi amathuba abazofike bahlangane nawo, afana nokuthi babuye sebeludayisele elinye izwe lolu hlelo.
"Amathuba afana nalawa mahle kakhulu ngoba njengomdidiyeli uma uhlelo kungolwakho wuyakwazi ukwenza noma yini ngalo. Into enhle kakhulu ngokuludayisa, kungaba wukuthi kunezwe elingase lifunde ngesimo sezidakamizwa sethu nendlela esizama ngayo ukulwa nalesi sihlava," kuphetha uLungelo.