KUMHAMBELA kahle umlingisi waseMsinga, uSifundo Dladla, njengoba esengomunye wosaziwayo asebevelele emidlalweni yethelevishini.
Khona maduze uSifundo (25), wasendaweni yaKwaHluphiwe, uzobonakala efilimini emfishane kwiMzansi Magic esihloko sithi Lesiba. Yize engakabi nesiqiniseko sokuthi lo mdlalo uzokhonjiswa nini kodwa unxuse ababukeli ukuba bahlale begqolozele amathelevishini abo.
USifundo uthe ukhuliswe wugogo wakhe uMaNkabinde KwaZulu-Natal kodwa elokhu evakashela unina eGoli.
"Ukukhulela eKZN bekumnandi kwaze kwaba ngifika eGoli ngoba yilapho ngafike ngathola khona ukuthi impilo ihluke kakhulu khona. Bengilokhu ngivakasha uma kuvalwe izikole. Ngithe kodwa sengihlala khona unomphela ngoba bese ngizoqhuba imfundo yami, ngathola ukuthi izingane zaseGoli zinamaphupho amakhulu futhi ayafezeka lapha."
Uthe esakhula emakhaya kwakuhlale kukhulunywa ngokuba wuthisha, udokotela noma iphoyisa. "Uma ngitshela abantu eKZN ukuthi ngifuna ukuba kwiTV, babevele baphele yinsini. Bathi ngiyahlanya ngoba babekholelwa ukuthi uma ungowaseMsinga awusoze waba yilutho ngaphandle kokuba yiphoyisa noma uthisha."
Uthe ukhule kubo kungekho ithelevishini nogesi. "Ngangibuka iTV kuphela uma ngivakashele umama eGoli. Yingakho ngagcina senginothando lwayo futhi ngangibona ukuthi uma useGoli ungaba kwithelevishini nanoma yinini."
Uthe uqale ukungena emkhakheni wezokungcebeleka ngo-2008 ngokuba wuDJ nge-computer ne-sound system ayeyithengelwe wunina. "Umzala wami, uSbongiseni, wayevamise ukungifundisa ukuthi zenziwa kanjani izinsimbi zengoma. Ngabe sengiba uDJ futhi igama lami lasesteji nguS-Deez." Uthe ukulingisa ukuqale ngo-2015 futhi wadlala efilimini ethi Mkhulu kwiMzansi Magic. Ngonyaka olandelayo, uSifundo ulingise kwenye ethi Fatherless. "Ngabuye ngabamba iqhaza ohlelweni olusakazwa kwiSABC 1 iNow Or Never iminyaka emithathu. Ngo-2017, ngalingisa kwiGold Diggers kwi-e.tv, emdlalweni woKhozi nasefilimini yoMzansi Magic ethi Pastor Bae. Ngo-2019, ngadlala kwiRhythm City nasemafilimini oMzansi Magic athi Toro neMme Matswale. Ngidlala izindawo eziqavile."
Ngonyaka odlule, uSifundo ulingise indawo kaNew Guy kwiGomora, okuyindawo ethandwe kakhulu ngababukeli. Ngaphandle kokulingisa, uSifundo ubuye abambe iqhaza nakwingqephu njengoba enezimpahla zokugqoka ezibizwa ngeTypical Zulu Clothing.