CHARLES KHUZWAYO
USENGUMLINGISI ovelele naphesheya kwezilwandle owesifazane okhule ezigidela ingoma eCato Crest, eThekwini. UVelile Makhoba (21), olingisa indawo kaGugu Ndaba kwiGomora, uthe kuyintokozo enkulu kuye ukulingisa emdlalweni abewubukela, ikakhulukazi ukusebenza nezinkakha akhule ebukela kuzo kulo mkhakha.
"Ngijabule kakhulu ukuthola leli thuba ngoba ngizokwazi ukukhombisa ikhono enginalo." UGugu yintokazi ekhuliswe wugogo nobabomncane wayo, uPhumlani Ndaba (Buyile Mdladla), emakhaya emuva kokulaxazwa nguyise (Themba Ndaba) ngoba eseshade no-Onthatile Ndaba (Katlego Danke).
UGugu utheleka nje emshadweni kaPhumlani no-Onthatile engamenyiwe yingoba uPhumlani ubazi ukuthi uGugu uyamzonda u-Onthatile njengoba abhungula uyise, wagcina esemlaxaza kugogo.
UVelile uthe akazokhuluma kakhulu ngendawo yakhe kodwa wanxusa abantu ukuba bathi njo kulo mdlalo ngoba kusekuningi okuzayo.
"Ngiyathokoza kakhulu ukuba kwiGomora. Ngiyethemba abantu bazomthanda uGugu njengoba nami ngimthandile ngaze ngangena ezicathulweni zakhe. Kuningi engikufunde kuye, ngiyethemba nabantu bazofunda lukhulu kuye."
Uthe ungene kulo mdlalo emuva kokuhambela inhlolokhono ayihlanganiselwe yinkampani, i-Artist Pro.
"Ngabe sengithola umbiko wokuthi ngithathiwe." Uthe ukhule ezigidela ingoma ngaphansi kweqembu langakubo, Izintuthwane, abuye acobelele abafundi basezikoleni ezingomakhelwane ngolwazana abenalo.
Ukuqeqeshwa kabanzi emkhakheni wokucula nokulingisa uthe ukufunde eKhaya Multi-Arts Centre (K-CAP), KwaMashu, kusukela ngo-2019.
"Kwafika ukuba ngiyoyifundela le nto. Ukuba kwami eK-CAP yilapho ikhono lami lacijwa khona futhi ngathola nethuba lokuyonandisa emazweni angaphandle anjengo-Italy nase-India. Ngabuye ngathola ithuba lokudidiyela imidanso eqenjini elalixube izikole, Abashabheshi, elaliya eGermany."
Uthe lesi sikhungo sika-Edmund Mhlongo simenze wagcina esesebenza noMbuso Khoza kwi-African Heritage Ensemble futhi walingisa nendawo kaPhaphatha kwiNandi The Musical.
Uthe isifiso esikhulu ukuba avelele kakhulu kule ndima aze agcine esezinze naphesheya kwezilwandle futhi uyafuna ukugcina esenesikole somdanso, azoqeqesha kuso intsha. UVelile uyingane yesithathu ebantwaneni abayisithuba bakaBuyisile Nhleko noBongokwakhe Makhoba. Uqale ukufunda eCato Crest Primary kodwa waphothula uGrade 12 eMayville Secondary. Uke wenza unyaka wokuqala ezifundweni ze-Information Technology kwesinye sezikhungo ezizimele kodwa washiya phansi ngenxa yoizo lwezobuciko.