KUZOSHUBA emdlalweni wethelevishini owuchungechunge, uMuvhango, njengoba sekufike umlingisi waKwaMashu, uGugulethu Mzobe, ozobanga ukushisa.
UGugulethu uzodlala indawo kaRosemary, okuyintokazi ezohlukumeza uGugu (Bukamina Cebekhulu). Uthe uRosemary uzoqola yonke imali kaGugu ayisebenza kanzima.
"Ababukeli bazobona izinto abangakaze bazibona kuMuvhango. Njengoba kungakaze kwanezithandani zobulili obubodwa kulo mdlalo. Nomakanjani indawo engiyilingisayo inalobo budlelwano. Inentombi enguNomasonto."
Uthe abantu bazozibonela ngawabo uRosemary noNomasonto bekhombisana ukuthi bathandana kanjani. Eqhuba uthe ngeke bagcine ngokukhombisana uthando kodwa bazobuye bagile umphakathi ngokuwuqola imali.
"URosemary yintokazi edabuka KwaMashu, ekhulele ekhaya elingamile kahle. Yingakho kube lula kimi ukudlala indawo yakhe ngoba nami ngiqhamuka kuleli lokishi."
Uthe unina kaRosemary wadlula emhlabeni esemncane kwathi uyise washadelwa ngomunye umama owayemhlukumeza. Ngakho uRosemary akanabudlelwano nomndeni wakhe.
"UNomasonto nguyena lungu lomndeni analo futhi bazwaniswa kakhulu yilo mkhaya wabo wokuwaka izigwili nazo ezingalungile."
UGugulethu uqale ukuzibandakanya nomkhakha wezobuciko eseneminyaka engu12 ngaphansi kweso elibukhali lika-Edmund Mhlongo eKhaya Multi-Arts Centre, KwaMashu, ngaphambi kokuyoqhuba izifundo zakhe eNyuvesi iWits. Useke walingisa kwiMbewu, enguNomusa kusukela ngo2018 kodwa wabuye washiya emuva kweminyaka emine ngoba esefuna ukuchumisa ikhono lakhe.
Useke walingisa indawo ephambili kwiMadame President The Musical (2009) nakwiChief Albert Luthuli The Musical (2007/8).
Uphinde wadlala nasemdlalweni kaGibson Kente othi How Long.
Ubuye wabamba iqhaza ohlelweni iSA Tourism Cultural Exchange eFrance ngo-2007/8, e-USA ngo-2010/11 nase-Italy ngo-2011.
Ubuye waba yiWorkshop Facilitator futhi enzisa izifundo ze-Acting For A Camera futhi waba yijaji leShashalazi Women's Theatre Festival ngo2018.
Ngaphandle kokulingisa kuMuvhango, njengamanje, umatasatasa nokuqopha kwenye ifilimu ezokhishwa maduze.