UHLOSE ukufeza amaphupho akhe umlingisi obonakale okokugcina ngoLwesine, emdlalweni okhonjiswa kwi-e.tv, iScandal.
UNomvelo Makhanya, obelingisa indawo kaLindiwe Ngema emdlalweni okhonjiswa njalo ngo-7.30 phakathi nezinsuku, useshiyile kuwona.
Waqala ukulingisa kwiScandal kusukela eneminyaka ewu-16, futhi wayehlelile ukuthi uzoshiya ngemva kweminyaka ewu-10 ukuze athuthukise elinye iphupho lakhe.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto uNomvelo udalule ukuthi bese kuyisikhathi sokuthi akhule futhi afezekise amanye amaphupho akhe.
“Yize kubuhlungu kubabukeli ukuphuma kwami ngoba ngikhulele phambi kwabo kodwa ngifuna bangakhathazeki ngoba ngizobe nginganyamalele, basazongibona kuyona le ndima kaqedisizungu,” usho kanje uNomvelo.
Umlingisi usanda kuhlabana ngendondo yokuqala, yeBest Supporting Actress kumaSouth African Film and Television Award (Safta), ngendawo ayidlalayo efilimini ekhonjiswa kuNetflix ethi, I Am All Girls.
Eqhuba uthe ukuphuma kwakhe kwiScandal kuyinto abeseyazi ezinyangeni ezintathu ezedlule futhi kuyamjabulisa ngoba kwakuyinto ayezihlelele yona ukuthi kuyomele enze okunye emuva kweminyaka ewu-10
“Nangempela ngishiye emuva kwayo iminyaka engangizibekele yona. Kuningi engikufundile futhi ngisazimisele ngokuqhubeka ngifunde. Manje yisikhathi sokuthi ngizithuthukise nakwezinye izinhlaka zale ndima,” kusho uNomvelo.
Mayelana nomculo uthe okwamanje akafuni ukuzibophezela ekutheni uzokwenza hlobo luni ngoba usathuka isisinga kuwona.
“Abantu abalindele noma yini, umaskandi, iRnB, ngizokwenza konke kuze kube ngiyaneliseka ukuthi ngingagxila enhlobeni eyodwa. Sengiqalile ukuya estudiyo, kuyalunga kancane kancane,” kuqhuba uNomvelo.
Ekuqaleni konyaka intokazi ijoyine esitebeleni sikaBlack Coffee, iSoulistic Agency, ithi kuyisizile kakhulu ukusondela ephuphweni lakhe.
Uthe ngeke akuyeke ukulingisa ngoba kuwubizo lwakhe futhi unephupho lokuyolingisa phesheya kwezilwandle njengoThuso Mbedu.
Eminye imidlalo emikhulu aseke abonakala kuyona uNomvelo yiSoul City neSibaya.