UMLINGISI woZalo, uBaby Cele, uphumele obala ngokusaba umshado emuva kokudivosa okwesithathu. UBaby (50), olingisa indawo kaGabisile kulo mdlalo osakazwa kuSABC 1, ukhulume noLungelo KM kwi-Engineer Your Life Podcast okokuqala ngokuhlukanisa nomyeni wakhe wesithathu. UBaby uthe sekuwunyaka wesibili ehlukanise noThabo Maleka ayebophe naye ifindo likasofasilahlane ngo-2017.
"Sengiyawusaba umshado ngoba ngidinga umuntu ozofana nami. Athande izinto engizithandayo. Ngiyazi ukuthi ngeke ngimthole. Mhlawumbe kuzofanele ngizishade mina," kuncokola uBaby, owaqala ukushada eneminyaka ewu-27 ngaphambi kokushada nomyeni wesibili, uMabuza.
Usole ukuhlala ngokwehlukana nobengumyeni wakhe, nokuba nabantu abadala njengembangela yokuphela komshado wakhe noMaleka. Uthe okubuhlungu wukuthi abahlukaniswanga wukuxabana nokuphingelelana kodwa kwavele kwafika isikhathi lapho babona khona ukuthi abahlukane ngoba kwakungasavumi.
UBaby uthe nakuba engakaze wambamba oqotsheni umyeni wakhe emphingela kodwa bekuba namaphupho abehlale emhlasela ngokwenzeka engekho. "Bengize ngiphahle ngicele edlozini ukuba liwamise la maphupho ngoba abengenza ngivuke ngikhathele."
Uthe umuntu oshada nomuntu onabantu abadala umshayela izandla ngoba usuke enesibindi.
"Abanye abantu bacabanga ukuthi uma ezoganga, akasebenzise ikhondomu. Uma ebuya ezoba nami njengoba ngimbethwe ngabantu abadala kuzoba ngcono. Akhohlwe wukuthi uma uzitika ngocansi uyajuluka futhi nezimbobo zomjuluko nokushintshana ngamathe nemiphefumulo, kuyazifanela nje. Udonsa amandla amaningi alawo muntu. Akulula ukulala nami kade ulele nomunye umuntu. Abantu baqala ukucebeka lapho ngoba ngiqala lapho ngibone."
Uthe njengamanje usakujabulela ukuba yinkomo edla yodwa. Uthe akanankinga nesithembu futhi ukholelwa ukuthi abantu kufanele bashade uma sebeneminyaka engaphezu kwewu-40.
Ngaphandle kokulingisa, uBaby uthe ungumelaphi wendabuko oyisangoma futhi onesigodlo namathwasa eMlindweni, eMgungundlovu. Uthe yena akathathi amashansi kulo msebenzi wedlozi kanti wathwasa ngo-2004.
"Ngikhule kakhulu ngokwedlozi futhi sengifunde lukhulu." Uthe yize engenasikhathi sokwelapha abantu kodwa kulo nyaka uyakwazi ukuyobelapha eMlindweni futhi abayise nasempophomeni. UBaby uthe akukho okungamhlukanisa nomsebenzi wedlozi.