UMLINGISI owayedlala indawo ephambili kwiThe Herd, ebikhonjiswa kwiMzansi Magic uZenzelisphesihle “Sparky” Xulu, uthi ukuba matasa kwabo kwenza kube nzima ukuthi umdlalo ubuye.
IThe Herd idlale amasizini amabili lapho kwakugqame abalingisi okubalwa kubo uWinnie Ntshaba, Cindy Mahlangu, Sihle Ndaba nabanye.
“Kuke kwaba khona amahemuhemu okubuya kwayo kodwa akukho okuphathekayo okwamanje. ISeriti Films (inkampani eyiqophayo) imatasa neGomora neHappiness Forever, uSihle umatasa kwiScandal!, uWinnie ukwiHouse of Zwide noCindy kwiThe Queen. Uma isikhathi sesivuma, mhlawumbe kuyokwenzeka futhi ngiyafisa ibuye siyisonge kahle le ndaba,” kusho uSparky.
USparky (32) udabuka eMgungundlovu, kanti ekhulele eMbali naseSobantu. Njengamanje udlala indawo kaSiya kwiThe Estate ekhonjiswa kwiS3, kanti iziqephu zokuqala zalo mdlalo seziyaphindwa kwSABC 1.
“Ngicabanga ukuthi bazama ukwenza abantu bawubone ngoba kwiS3 izibalo zababukeli azikho nkulu kangako. Umdlalo omnandi wona okhuluma ngezihloko ezahlukene njengendaba yomhlaba, usiko nezinye izinto ezingajwayele ukubonakala kweminye imidlalo.”
Uthe yize engakukhonzile ukudlala emidlalweni ewuchungechunge kodwa uyakujabulela ukuba kuwo futhi ngeke aphawule ngokuthi angahamba nini khona.
“Angisiyena umlandeli wemidlalo engapheli. Ngithanda ukuxoxa izindaba. Ngifuna ukuba semidlalweni ehlukene. Ukube kuya ngami ngabe ngenza amafilimu amane ngonyaka ngiphumule inyanga eyodwa, ngizilungiselele ngenye bese ngiyaqopha. Uma udlala kwewuchungechunge ugcina usujwayele. Ngifuna amafilimu nemidlalo eneziqephu ezincane.”
Uveze ukuthi ngaphandle kokulingisa usezama ukungena ekwethuleni izinhlelo nokuyinto angayifundelanga. Emuva kokuqeda umatric eMaritzburg College, ufundele ukulingisa eNyuvesi iRhodes waqedela kweyaKwaZulu-Natal.
Uthe akufundayo ukucobelela nabanye njengoba benenhlangano engenzi nzuzo iPMB Arts Collective (The Pac), kanti ubambisene nabanye abane kuyona. Uthi bahambela izikole befundisa ngokulingisa benzise nabasakhula imidlalo efundisayo.