CHARLES KHUZWAYO
UMLINGISI odabuka eMgungundlovu, uThuso Nokwanda Mbedu, uhambela phezulu kulezi zinsuku njengoba engomunye wabantu besifazane abazohlonishwa kuma-2022 International Women of Power Awards eLos Angeles, e-USA kusasa.
Ephawula ngokuqokwa kwakhe, uThuso (31), odabuka oLundi, ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana:
"Ngifikile, ngabona maqede nganqoba."
Abagqugquzeli balo mcimbi babhale ku-Instagram ukuthi bakhethe ukuhlonipha uThuso ngenxa yokuvelela kwakhe emdlalweni wethelevishini njengendlovukazi yaseNingizimu Afrika.
"Uhlonishwa ngomsebenzi wakhe oyisimangaliso kwi-The Underground Railroad nokuqokwa kwakhe kuma-International Emmy Awards ngokulingisa emdlalweni othi Is'thunzi futhi wabuye wakleliswa nabantu abavelele abangu-30 ephephabhukwini iForbes Africa ngo-2018. Kithi uyindlovukazi esebenzile," kusho iHeirs of Afrika. "Sesilinde kabi kushaye umhla ka-31. Yisikhathi sokugubha. Sijabule kakhulu ukwenzela uThuso nezinye izindlovukazi lo mcimbi. Uzoba ngamazwibela ohlobo. Sikhuluma ngokudla, uthando, uhlelo, umgubho nabo bonke ubumnandi," kuphetha iHeirs Of Afrika.
Abanye abahlonishwa ngalolu suku nguShalom Blac waseNigeria noKaren Bass.
Kwenzeka lokhu nje ifilimu okulingisa kuyo uThuso, esihloko sithi The Woman King, izoqala ukukhonjiswa ngoSepthemba. Uzakhele udumo kakhulu phesheya ngokulingisa emdlalweni osihloko sithi The Underground Railroad.