Nokubongwa Phenyane
I-SABC1 isiveze ukuthi uhlelo luka-AKA aluqopha nosaziwayo abahlukene lapho bekhuluma khona ngezinto ezehlukene ezenzeka kuleli, seluzoqala ngesonto elizayo.
Uhlelo bekumele luqale izolo kodwa lahlehliselwa ukuthi luqale ngoNovemba 12, ngo-7.30 ebusuku.
IThe Braai Show with AKA, isezinhlelweni ezintsha.
Iziqephu ezingu-13 zohlelo zizokhombisa u-AKA ekhuluma nosaziwayo abehlukene, bebhunga baphinde bagubhe ukuba yintsha ekhululekile eNingizimu Afrika.
UZandile Nkonyeni wakwaSABC, uthe njengoba beyisiteshi esiyixhasa kakhulu intsha eyenza noma yini enhle kuleli, bayajabula ukuthi kuzoba nohlelo olufana nalolu.
“U-AKA ukubaculi bakuleli okuhlale kukhulunywa ngabo. Ngakho siyisiteshi kubalulekile ukuthi siqhubeke nokusondeza abakuleli ezinhlelweni ezisuselwe kuleli. Ubumnandi nohleko yikhona abazokuthola ohlelweni, okunye abazokujabulela ukuthi abazogcina nje ngokubona u-AKA ecula kodwa bazoke bathole okunye ngaye njengezinto azithandayo nangazifuni ngezwe lakhe. U-AKA nezihambeli, bathembisa izinkulumo ezizothokozisa abantu abaningi,” kuchaza uZandile.
Kubantu abadumile abazobonakala kulolu hlelo kubalwa uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uMnuz Fikile Mbalula, Siya “Scoop” Ngwekazi, DJ Tira, Nomuzi “Moozlie” Mabena nabanye.
UNOMUZI Mabena nesoka lakhe uSbu bakosaziwayo abazobonakala ohlelweni luka-AKA iThe Braai Show with AKA, ezoqala ngesonto elizayo kwiSABC1 Isithombe: SITHUNYELWE