IZINGXABANO ezasala zilenga ngesizini yokuqala yohlelo, iPastors’ Wives, zizoqhubeka uma sekuqala isizini yesibili yalolu hlelo.
Isizini yesibili izoqala ukubonakala esiteshini, iHoney TV, kwiDStv (173), ngeSonto ngo-9 ebusuku.
Kuyona kuzobonakala amakhosikazi abefundisi ayisikhombisa okukhona kuwona u-Innocent Sadiki, Nandipha Mlombi, Phume Khethang no-Anietie Ezeimo.
Ubuso obusha obuzobonakala kulolu hlelo ngoboJudy Ranoto, TshidiMotlhose nomculi wokholo, uNoluvo Duna.
Ekhuluma ngokubuya kwakhe kulolu hlelo, u-Innocent uveze ukuthi ukuba ngomunye wabahamba phambili yena nomyeni wakhekwisizini yokuqala, ngenxa yezinkulumo akade beba nazo ezithinta umndeni wabo, yikhona okumenze wabuya njengoba ebona ukuthi kusize abaningi.
“Besikhombisa impilo okumele iphilwe ngabashadile besimanje. Besingakufihli okwenzeka emshadweni wethu, kungaba okuthinta ucansi, izinkinga zomshado, mina nomyeni wami besibonakala sikhuluma ngakho. Ngijabule ngokuphinde ngibe yingxenye yalolu hlelo njengoba abantu bezoqhubeka nokungibona ukuthi angiyena umuntu owenza izinto ngoba esebona ikhamera kodwa impilo abayibona kwithelevishiniiyona engiyiphilayo,” kuchaza u-Innocent.
Uthe njengomshumayeli, umkhangisi, umlingisi, usomabhizinisi futhi ongumama ujabule ngokuthi abesifazane abancane, uma bebuka lolu hlelo, kukhona abazokufunda kuye futhi uyathemba ukuthi kuzosizakala nabesifazane abashade nabefundisi asebekhulile.Uphrojusa wohlelo, uValentino Mathibela, uthelaba besifazane bazobhekana nezingqinamba ezizothinta ubudlelwane bezothando nokholo lwabo.
“Nokuba ngabazali kunenselelo njengoba ezinye izingane zabo sezikhulile futhizifuna ukuzithathela izinqumozazo, zokuhlukana nabazali ziyozimela, ezinye zifuna ukushiya indaba yokukholwa. Ukubuya kuka-Innocent kulolu hlelo yikhona okuzocacisa ukuthi ngobani abangabangani, izitha nabakhohlisanayo. Manjenje ngoba sikwisizini yesibili siyathemba ukuthi ababukeli sebenazo izintandokazi zabo futhi nalaba abasha bazosheshe babajwayele, babazi kangcono bese beluthokozela uhlelo,” kuchaza uValentino.
Uthe bajabule ngabakushuthile nabazokuthulela abantu bakuleli.