KUZOGQAMA osomabhizinisi, odokotela, abakhangisi nabanye abasemikhakheni ehlukene uma sekuqala ukukhonjiswa kohlelo lokupheka i-Masterchef SA.
Lolu hlelo lukhuza ibuya kwiM-Net (101), kusuka ngoFebhuwari 28, ngo-6 ntambama ngoMsombuluko kuya kuLwesine.
Amajaji alo kule sizini yesine ezoqala kukhona uZola Nene, Gregory Czarnecki noJustine Drake.
Intokazi esike yabonakala ohlelweni lokupheka i-My Kitchen Rules, uLuyanda Mafanya (27), waseGoli, ingenye yezintokazi ezizobonakala kulona.
ULuyanda othi waqala ukupheka esemncane, uthe imfihlo yakhe aza nayo ohlelweni ukuthi ukudla kubukeke kahle uma esekuphakile.
“Ngiyazifela kakhulu ngokupheka ukudla kwethu kwesintu ikakhulu inkukhu zesintu. Nokudla kwasezweni lase-Italy, ngiyazifela ngakho kakhulu. Sengikhethe ukuthi ngifunde ukukupheka futhi nakho sengingasho ukuthi kulula kakhulu ukukwenza. Okungenza ngilokhu ngibuyile ekuzameni inhlanhla ezinhlelweni zokupheka ukuthi ngifuna ukwenza ugogo wami osadlula emhlabeni, aziqhenye ngami njengoba aba negalelo elikhulu ekutheni ngingene kulo mkhakha,” kusho uLuyanda.
Uthe uma wenza ukudla kumele inhliziyo ibe ngevulelekile futhi ibe yinhle ngakho nakumina abantu bazobona lokho kulolu hlelo. Ukubukela kubantu abafana noJan Hendrik wakuleli, yikhona okwangibeka kude ohlelweni i-My Kitchen Rules, namanje ngizimisele ukuya kude,” kuchaza uLuyanda.
UMasedi Mabe (25), osabambe itoho enkampanini i-A Burgersmith, ohlala eGoli, uveze ukuthi yena uthanda kakhulu ukupheka ukudla okubalwa kukhona umgxabhiso nenhloko.
“Uthando lokudla okusheshayo njenge-burger kungenze ngavula eyami indawo eyaziwa ngokuthi iBun2Belly. Kodwa ke kulolu hlelo ngizopheka konke ukudla enginikwa khona, angeke ngesabe lutho. Ekudleni konke engizokupheka ngifuna ukugqamisa ukudla kwakuleli nokuyinto engajwayelekile,” kusho uMasedi.
Intokazi yaseThekwini esemkhakheni wamafilimu, uTembisa Jordaan (37), ithe yize ezifela ngamasi namanqina enkukhu kodwa uzinikele ekutheni ajike ukudla okujwayelekile akwenze kube ngokuconsisa amathe.
"Nami ukupheka ngakuqala ngimncane njengoba ngazalelwa eDobsonville, ngakhulela e-Eastern Cape, ngikhuliswa ugogo nokwaba yinto eyangenza ngakwazi ukupheka futhi ngakuthanda. Ngiyathanda ukupheka ukudla kwesintu, okwase-Italy nokwase-Asia njengoba bengibuka kakhulu umpheki uJamie Oliver,“ kuchaza yena.
Uthe imikhakha akuyona yonke ufuna ukwenza kahle yikho engene ohlelweni, njengoba kowamafilimu esanda kuphuma isibili emcimbini obuwenziwe iYale University Environment 360 Video Contest, ngefilimu yakhe ethi Ulwandle Lushile.