INTANDOKAZI yohlelo lwethelevishini lwaphesheya iShark Tank lukhuza ibuya eNingizimu Afrika, ngenhloso yokuzothuthukisa osomabhizinisi abasafufusa.
"Oshaka" abazobe bebheka izindlela zokutshala imali emabhizinisini ngosozigidi uQuinton van der Burgh, uJasmine Pega, uLebo Gunguluza noPrashanthi Akaloo.
Lolu hlelo lunikeza osomabhizinisi ithuba lokushintsha impilo yabo ngokuthi lubatholele abantu abangatshala imali emabhizinisini abo, nokungase kubenze babe wosozigidi.
IShark Tank yaqala iseyiDragons' Den eJapan ngo-2001, kanti isisabalele emazweni angu-31 emhlabeni jikelele.
Ohlelweni ababukeli bethulelwa osomabhizinisi abangase babe yizinto ezinkulu ngomuso futhi abanamasu amasha okuthuthukisa ibhizinisi. Labo somabhizinisi banikezwa ithuba lokuchaza kabanzi ngamasu amabhizinisi abo phambi kwezingqungqulu eseziphumelele. Kuthi uma sebeqedile ukuchaza ngamasu abo, izingqungqulu zibe sezinquma ukuthi ziyayitshala yini imali noma cha.
Kuyenzeka ukuthi lowo ofuna batshale imali yokuthuthukisa ibhizinisi lakhe, asinqabe isicelo somtshali wemali uma ebona ukuthi asimgculisi.
USihlalo weBeryl Group okuyiyo eseqhulwini ekulethweni lwalolu hlelo uNeverl Kambasha, uthe uhlelo luzoqala ekuqaleni konyaka ozayo.
"Sesitshale imali kosomabhizinisi isikhathi eside. Asingabazi ukuthi i-Afrika yiyona elandelayo futhi abantu abazoletha ushintsho emnothweni waleli zwekazi ngosomabhizinisi. Amathuba okuveza amaqhinga amasha nokuvundulula "umuntu omkhulu olandelayo" makhulu yingakho sibone kubalulekile ukuthi siphinde siqhubeke sitshale imali kosomabhizinisi. Sikubheke ngabomvu ukubona lokhu kwenzeka," kuchaza uNeverl Kambasha.
ULebo unguSihlalo weGem Group of Companies kanti wayekhona nangesizini yokuqala yohlelo.
UPrashanthi Akaloo ungumphathi we-Innovation Dynamics, kanti uJasmine uphethe inqwaba yamabhizinisi bese kuthi uQuinton abe ngumphathi weQuinton Van Der Burgh Investments.