IQALE ngenothi eliphezulu isizini yesihlanu yohlelo oluxoxa ngempilo kaSomizi Mhlongo, iLiving the Dream With Somizi.
USomizi usebenzise le nkundla ukuphawula ngobudlelwane bakhe nomyeni wakhe uMohale Motaung. USomizi uyilalele okokuqala ngqa, ingxoxo eqoshiwe kaMohale, emsola ngokumhlukumeza.
Usaziwayo wakuleli uphumele obala wadalula ngezimpawu zokuqala aziqaphela zokuthi akuhambi kahle emendweni. Kulesi siqephu, uSomizi ubehleli nomlingisi uLucia Cooper, obembuza ukuthi wamshaya yini umyeni wakhe.
Uthi ngesikhathi ebona ukuthi impilo yabo kwezocansi yayingekho ezingeni alifunayo, waphakamisa izinto ezimbalwa zokwenza leso simo sibe ngcono, lokhu kubala ukuthola usizo kubantu abayizazi kwezocansi nokumema umuntu wesithathu ukuzonandisa
“Ngangibhekene nomuntu owayenezinkinga zocansi. Ngizamile ukuthola izindlela eziningi zokusiza kodwa ucansi lwethu lwalubheda. Namanje ngisasho ukuthi ngathi kuye asithole ezinye izindlela noma singaya kongoti bezocansi. Wayengafuni ukuya ngoba wayazi ukuthi siyabhacaza.”
@joy_zelda: Eqinisweni uMohale akakaze amthande uSomizi ubefuna ingcebo nje bese eyamshiya. Sonke sikubone bukhoma ku-tv ukuthi uSomizi wayezama kangakanani ukujabulisa uMohale emthengela izipho ezibizayo, emhambisa emaholidini futhi enza konke ukumjabulisa kodwa angabinakho ukubonga.
@Jabu_Macdonald: #LTDWSOMIZI Angikaze ngicabange ukuthi uSomizi angakhuluma ngezinkinga zakhe noMohale ohlelweni, kodwa ngiyalithanda iqiniso lakhe kuqala uhlelo.
Listen now that we getting Somizi side of the story, What do yall think ? #LTDWSOMIZI pic.twitter.com/UAJkSWJsht
— Thulani Mathebula 👁👑 (@chrisreymond89) May 4, 2022