INHLANGANO yezokusakaza iSABC isiveze ukuthi ziningi izinhlelo zokuletha imidlalo eneziqephu ezingu-13, ezokhonjiswa ngeSonto nethinta ngqo imiphakathi yakuleli nezinto ezenzeka kuyona usuku nosuku.
Bakusho lokhu ngesikhathi bethula umdlalo othi The Executives, oqale ngeSonto kwiSABC1 ngo-7.30 ebusuku.
Lo mdlalo uqukethe abalingisi okukhona kubona uLesley Musina, Pamela Zulu, Llewellyn Cordier, Camilla Waldman, Gcina Nkosi, Daniel Hadebe, Refilwe Modiselle noFezile Makhanya.
AbakwaSABC baveze ukuthi kulo mdlalo kuzogqama owesilisa ongumphathi wezimantshi, ophila impilo ephezulu nomndeni wakhe.
“Lo mphathi wezimantshi uBonginkosi Khumalo (Lesley Musina), ungowesilisa okusuka ebuncaneni bakhe wayebheke impumelelo futhi ehlala ezihlupha ngokusiza abanye. UBonginkosi usemalungiselelweni okuthi kube nomcimbi wakhe njengoba esezobekwa njengejaji elikhulu eliphethe amajaji onke enkantolo enkulu, usesifundazweni iLanga. Impilo yakhe neyomndeni wakhe ijika iba sengathi yiphupho uma kutholakala isidumbu sowesifazane ehhovisi lakhe,” kusho uCaroline Phalakatshela wakwaSABC.
Uthe lo mdlalo uzoshuba uma sekubhekwe ukuthi ubani ozokhipha le mantshi kulolu taku ebhekene nalo futhi ngubani ozoqinisekisa ukuthi leli cala ulenzile noma cha.
“Kuningi abantu okumele bakulindele kulo mdlalo njengoba kuzogqama kuwo abantu abazosaba ukuzisondeza ecaleni eselibhekene nalesi sikhulu.
“Kuba nzima ukuthi athole abantu abazomsiza ekutheni akhombise ukuthi icala akalazi, kungenzeka kukhona abazama ukudicilela impilo yakhe phansi. “Ukuhlehlelwa ngabantu abathembile kungagcina kumholela ekutheni asebenze kanzima yena ukuze akhombise abantu ukuthi leli cala abhekene nalo akalenzanga,” kuqhuba yena.
Uthe unkosikazi wakhe uNobantu (Pamela Zulu) nendodana yabo uPJ (Zweli Hadjie) benza konke ukweseka ubaba wekhaya.