NOKUBONGWA PHENYANE
ISITESHI sethelevishini esizimele i-e.tv, simemezele ukuthi baningi abalingisi abasha abazobonakala emdlalweni iScandal kusuka manje kuze kube wuSepthemba.
Baveze lokhu ngenkathi bethula abalingisi abasha baseMpumalanga, asebezakhele igama, uCindy Mahlangu noSandile Mahlangu.
Bobabili baqale ukubonakala ngoLwesithathu.
UCindy uzolingisa indawo kaVioletta Mamba.
UVioletta ngowesifazane oshadile, ongumsiki wengqephu futhi othanda umyeni wakhe uSimo, okuyindawo elingiswa wuSandile.
UHelga Palmer ophethe izinhlelo zakuleli kwa-e.tv, uveze ukuthi bobabili kabathembekile futhi kuningi abakwenza ngokuhlanganyela okungalungile.
“Ababukeli beScandal bazokujabulela ukubuka lo mdlalo ngoba kuningi okujabulisayo, nokuzobashiya bemangele nje ngokubona uSimo engena emzini wakwaModupe, okuyinto abaningi akade bengayilindele,” kuchaza uHelga.
Uthe bazoqhubeka nokumemezela abalingisi abasha.
“Okujabulisayo ngabo bonke laba balingisi wukuthi bazothandwa ngababukeli balo mdlalo. Kuyajabulisa ukwamukela abalingisi abaqale ukubonakala kuleli sonto, siyathemba bazoqhubeka nokwenza lo mdlalo ube ngeminye ehamba phambili kuleli,” kuchaza yena.
Lo mdlalo ushiywe ngabalingisi abaqavile kulo nyaka okubalwa uKgomotso Christopher noMasasa Mbangeni.