BAZOBONAKALA ekupheleni kwale nyanga sekuqala uhlelo, abazoba yingxenye yabazozama inhlanhla yokufuna uthando ohlelweni iLove Island South Africa.
Lolu hlelo oluzokwethulwa uLeandie du Randt, luzoqala kuM-Net (101) kusuka ngoFebhuwari 28, ngo-8 ebusuku.
Le ntokazi yaphuma isibili ohlelweni iStrictly Come Dancing ngo-2014 nophathina wayo uBrandom Eilers le Riche.
Ikhuluma ngokuba umethuli walolu hlelo le ntokazi, ithe kuyona kuyinto enkulu nesibusiso emkhakheni wezobumnandi selokhu yangena.
“Bengihlala ngifisa ngithi empilweni yami ngelinye ilanga ngiyafuna ukuba umethuli wezinhlelo ezinkulu, nakho ke manje sekunjalo futhi ukuba umethuli walolu hlelo kumina kufike ngesikhathi esilungile impela. Sengikubheke ngabomvu ukuhlangana nabo bonke abazohlala endlini la bezofuna khona omaqondana,” kusho uLeandie du Randt.
Le ntokazi ayigcini nje ngokubonakala ezinhlelweni ezihlukene kodwa iphinde ibe umlingisi emidlalweni eyehlukene yesiBhunu ekhonjiswa esiteshini sakwa-kykNet.
Lolu hlelo kuzogqama kulona abantu abafuna omaqondana emkhakheni wezothando.
Bonke bazohlangana endlini abalungiselelwe yona eKapa, la bezohlala bazane kangcono, okuyothi ababa nenhlansi yothando bachithe isikhathi esiningi ndawonye babone ukuthi kukhona yini uthando abanalo olungaholela ekutheni babe sebudlelwaneni.
Esitatimendeni esikhishwe abakwaM-Net, baveze ukuthi esontweni ngalinye kuzolokhu kufika abantu abasha, okuzoholela ekutheni kube khona abaphukelwa izinhliziyo, baliwe uma ophathina babo sebebone abanye abasha.
"Ukufika komuntu omusha kuzodala izinxushunxushu endlini futhi kwesinye isikhathi kuholele ekutheni kube khona abaphelelwa uthando akade sebenalo nabanye, kuze kuphele nobungani okade bukhona. Abasendlini bazophinde bathole nethuba lokuvotela oyedwa ababona ukuthi akanasidingo sokuhlala endlini, bese eyashiya ohlelweni,“ kuchaza isitatimende.
Siveze ukuthi ekugcineni izithandani eziyobambana kuze kuphele uhlelo, ziyobe sezithola umklomelo wemali nezinye izipho.