UMUNYU kudedelwa isiqephu esigabisa ngezinye zezinto ezizokwenzeka emidlalweni iBlack Panther esilindelwe ngabomvu ema-cinema. Lesi siqephu seBlack Panther2 Wakanda Forever yase-USA ehlanganiswe iMarvel Studios, isivusele abalandeli beBlack Panther amanxeba kubonakala kuso isilomo somlingisi uChadwick Boseman ongasekho emhlabeni.
UChadwick owashona ngo-2020 kulandela ukuhlaselwa isifo somdlavuza wayengomunye wabalingisa phambili kulo mdlalo ngokulingisa indawo kaT'Chala kanti nesiqubulo esithi Wakanda wasakhela udumo. Abanikazi balo mdlalo bamemezele ukuthi ngeke basivale isikhala sikaChadwick noma kulingise omunye umuntu ukumhlonipha njengoba engasekho futhi ayibeka ezingeni indawo yakhe.
IBlack Panther2 Wakanda Forever ingxenye enkulu yayo eyokuhlonipha uChadwick nokwenza kuvele nomdwebo omkhulu owenziwe odongeni ngaye. Lo mdlalo kulindeleke ukuthi uqale ukukhonjiswa ema-cinema ngoNovemba 11 kanti nabalingisa kuwo sebeqalile ukukhuluma ngawo. ULupita Nyongo ngomunye wabadlala phambili kulo mdlalo kanti useqalile nokugabisa ngawo emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana. Abantu baveza ukuthi yize lesi siqephu sesibathunuke amanxeba kodwa sebelubheke ngabomvu lolu suku.
" UChadwick kwakucaca uma elingisa, kona ekugcineni lapho aqhamuka esethi "Yibambe" lesi siqephu singifikisela ngezinyembezi,"kusho uFrancesca Collet.
" Saze sangikhalisa isiqephu ngoNovemba siyobe sikhumbula, sihlonipha inkosi yethu namagalelo ayo. Wakanda Forever," kusho uCharla Baggs.
" Ngikhathazekile kodwa futhi ngiyajabula," kusho uBertha Kalama.
Abanye babalingisi abaphambili kwiBlack Panther2 Wakanda Forever kubalwa uDanai Gurira odlala eka-Okoye, Angela Bassett onguRamonda oyindlovukazi, Lupita Nyongo onguNakia, Winston Duke onguM'Baku, Martin Freeman ongu-Everett K Ross, Dominique Thorne ongu-Riri Williams. Florence Kasumba ongu-Ayo, Tenoch Huerta onguNamour nabanye abalingisi abaningi abazobonakala kuyo.
Umqondisi: Ryan Coogler
Ababhali: Joe Robert Cole noRyan Coogler