BAZOZITIKA ngamafilimu abantu bakuleli njengoba abakwaShowmax sebememezele ukuthi, maningi amafilimu azotholakala kulesi siteshi kule nyanga.
Kula mafilimu ayisikhombisa abawafake kubalwa naleyo okulingisa phambili umlingisi wakuleli ongasekho emhlabeni, u-Andile Gumbi.
Le filimu iThe Letter Reader, yamenyezelwa njengehamba phambili ngonyaka odlule ngesikhathi isembukisweni owaziwa nge-The Africa Movie Academy Awards.
Umqondisi wayo uSibusiso Khuzwayo, ngonyaka odlule emcimbini weSouth African Film and Television Awards (Saftas) wahlonishwa ngendondo yeBest Short Film.
UKevin Kriedemann wakaShowmax uveze ukuthi ifilimu isuselwe encwadini kaThabo Mbeki, ethi A Dream Deferred.
“Le filimu ixoxa indaba kaSiyabonga (Bahle Mashinini), ongumfana osemncane ozalelwe eGoli futhi okhulela khona. Kodwa ngenxa yezingqinamba emndenini wakhe uyasuka khona, uthunyelwa endaweni yasemakhaya KwaZulu-Natal, lapho ahlala khona nogogo wakhe. Abazali bomfana bakwenza lokhu ngenxa yokuthi bafuna ukulungisa izinkinga zomshado wabo. Izinkinga zomfana azibi lula njengoba engumungtu okhulele edolobheni futhi kuba nzima ukwenza imisebenzi yasekhaya,” kuchaza uKevin.
Uveze ukuthi lo mfana uma impilo iqhubeka uthola ukuthi unesipho sokufunda kahle njengoba kunguyena ocelwa ukuthi afunde izincwadi ezithunyelwa abangani nezihlobo emindenini akhelene nayo.
“Abantu bayakujabulela ukufundelwa nguyena izincwadi, kuze kufike olunye usuku lapho kufika khona incwadi emphatha kabi, neshintsha impilo yakhe yonke,” kuchaza uKevin.
Amanye amafilimu akhona kubalwa ethi Moffie, Fiela Se Kind, Knuckle City, The Ghost And The House Of Truth namanye.
UKevina ugqugquzele abantu ukuthi baqhubeke nokujabulela ezinye izinhlelo ezikuShowmax okubalwa nohlelo oluxoxa ngempilo kaLebo M, iLebo M-Home Coming.