KUZOKWETHULWA umqhudelwano wokuqala wezindondo okuhloswe ngawo ukubungaza kuphela abantu abangamaZulu abaqhakambisa isifundazwe iKwaZulu-Natal e-Aloe Hotel and Conference, eShowe ngoLwesibili.
Abantu abahlabane kuma-1KZN TV Prestige Awards ngoJuni wakulo nyaka.
Umphathi neNhloko ye-1KZN TV, u-Edwin Mncwango, uthe bathathe isinqumo sokuba kugujwe ikhono eliqhamuka kulesi sifundazwe.
"Asigubhe okwethu! Asibheke ukuthi ngubani ovelele eKZN. Isiko lesiZulu lihle futhi licebile. Ama-1KZN TV Prestige Awards azoqhakambisa konke lokho. Ngiyaziqhenya ngalesi siteshi nendima esiyiklamile kule minyaka ewu-15 ekuphakamiseni ukuziqhenya neqholo lamaZulu. Igama elithi Zulu ngelinye lamagama aziwa umhlaba wonke. Yisikhathi sokuthi siliqhakambise nokuthi sikhombise ukuthi anani amasiko ethu," kusho uMncwango.
Uthe kulo mncintiswano kuzobuye kugujwe yonke inhlobo yomculo wesintu futhi ubuye uklomelise amabhizinisi, izinhlangano zomphakathi nosomabhizinisi. Eqhuba uthe uzobuye ubungaze amavulandlela aphendlele abantu baseKZN indlela eyempumelelweni. Iminxa ehlukahlukene ezovotelwa izoshicilelwa ngo-Ephreli 1 kulo nyaka. Udumo yilo oluzobhekwa kakhulu kuyoyonke imikhakha futhi amavoti azobalwa yinkampani egunyaziwe. Abaqokiwe nabazobe bedlana imilala emzuliswaneni wokugcina, bazovezwa kwi-1KZN TV bese umcimbi wokuklomelisa abanqobile uzosakazwa kuzwelonke kwi-1KZN TV.
Oyimenenna ophikweni lwezokukhangisa nokudayisa kwi-1KZN TV, u-Anele Blose, uthe kuzobe kungokuqala kuba nomqhudelwano wezindondo okulelizinga.
"Awukaze wenziwa kodwa sijabule kakhulu ngama-1KZN TV Prestige Awards. Ukwesekwa nokugqugquzelwa esikutholayo emphakathini okwamanje kuyasithokozisa. Kukhombisa uthando olungakholeki nobuhle besiko lesiZulu nokwethenjwa kwe-1KZN TV," kusho u-Anele.
Kuhlelwe ukuba ama-1KZN TV Prestige Awards abe wumcimbi waminyaka yonke. Kunxuswa abantu nosomabhizinisi abazimisele ukubamba iqhaza noma ukuxhasa ukuba babhale izicelo bese bezithumela ku- [email protected].