IZINTOKAZI ezimbili zaKwaZulu-Natal ziqhakambise iNingizimu Afrika phesheya kwezilwandle kulandela ukufakwa ohlwini lwabalingisi abasebancane abenza kahle emkhakheni wokulingisa.
UNomzamo Mbatha waKwaMashu noThuso Mbedu waseMgungundlovu, bakubalingisi abasohlwini lwe- Essence's 20 Young Black Hollywood Stars To Watch, esanda kwethulwa kubantu kanti bafakwe kulona nabalingisi abasebancane base-USA.
Ephawula kwiTwitter uNomzamo, ubonge abe-Essence ngokuba sohlwini lwabantu abasha abaqavile kwezokulingisa.
"Ngiyanibonga ngokuthi nisikhanyisele indlela yethu. Ngizizwa ngihloniphekile," kusho yena kwiTwitter.
UNomzamo ungunombolo-9 ohlwini kuthi uThuso abe ngunombolo-16. Yibona kuphela abangabalingisi abaqhamuka eNingizimu Afrika.
UNomzamo wazakhela udumo elingisa kwiSibaya kanti wafulathela elakuleli ngemuva kokuthola ithuba eliyingqayizivele lokulingisa efilimini yase-USA, iComing 2 America, azobonakala kuyo nezinkakha ezifana no-Eddie Murphy no-Arsenio Hall.
Umatasa neminye imisebenzi edinga ukuthi aqhubeke nokuzinza e-USA.
UThuso owenza izimanga e-USA, wagqama kakhulu emdlalweni Is’thunzi, ungomunye wabalingisi abaqavile kwifilimu yaphesheya kwezilwandle, iThe Underground.