NOKUBONGWA PHENYANE
KUPHEKWA umdlalo omusha ozoba yiTelenovela, ozovala isikhala somdlalo Isibaya okumanje kukhonjiswa isizini yokugcina.
Le sizini kulindeleke ukuthi iphele ekupheleni kukaMashi, ngonyaka ozayo.
Isolezwe like labika ukuthi kuyaphela ngeSibaya, okuyisinqumo esithathwe ngenxa yokwehla kwesibalo sababukeli balo mdlalo.
Inkampani eqopha Isibaya, iBomb Production nesiteshi uMzansi Magic, kuvela ukuthi bavumelana ngalesi sinqumo.
Umthombo weSolezwe osondelene nalezi zinkampani, uveze ukuthi akusekho ukuhlehlela emuva njengoba nabalingisi nabasebenzi balo mdlalo sebetsheliwe ukuthi kuphelile ngawo.
“Kuba nemihlangano ehlukene manje kubhekwa ukuthi kuqalwe umdlalo oyiTelenovela ozovala isikhala somdlalo Isibaya. Abafuni ukuthi lolu daba baluqinisekise kwabezindaba balinde ukuthi uma sekusondele isikhathi sokuphela kwalo mdlalo, bese kuba yibona abamemezelayo kuMzansi Magic,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi abaphathi balesi siteshi sebekuvezile ukuthi abadingi kube khona imidlalo emincane ezobonakala uma kuphela Isibaya kodwa badinga kungene umdlalo ongase uqale uqoshwe ekuqaleni konyaka ozayo.
“Ayikaziwa inkampani ezoqopha lo mdlalo omusha, kodwa konke kuyobe sekwaziwa ekuqaleni konyaka ozayo. Niyazi njengabezindaba ukuthi uma kuqala unyaka, iMultichoice iyamemezela izinhlelo ezintsha eziqala ngoJanuwari kuze kube uJuni.
“Yilapho-ke okuyobe sekuvela khona ngalo mdlalo omusha,” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo waveza ukuthi isinqumo sokuqeda ngalo mdlalo, abaphathi basithatha ngoJuni
kodwa yonke into ibikhulunyelwa phansi.
UNomsa Philiso ongumqondisi wezinhlelo kwaM-Net, waveza
ukuthi uma kukhona okusha okumele bakumemezele, bayokwenza uma sekufike isikhathi.
Lo mdlalo usanda kushiywa ngabalingisi abaqavile okukhona kubo uNomzamo Mbatha, Jessica Nkosi, Muzi Mthabela,
Siyabonga Thwala, Bongani Gumede no-Abdul Khoza abalingisa emidlalweni emisha kuleli, eziteshini ezehlukene.
Omunye umlingisi okuvela
ukuthi uyahamba uSdumo Mtshali okuvela ukuthi uzolingisa emdlalweni omusha ozoqala kwiSABC3, iThe Estates.
USDUMO Mtshali ungomunye wabalingisi okuvela ukuthi bayashiya emdlalweni Isibaya ngonyaka ozayo ozofinyelela emaphethelweni ngenxa yokuthi awenzi kahle ngezinombolo zababukeli
Isithombe: TWITTER