THOKOZANI NDLOVU neNTATHELI YESOLEZWE NGESONTO
UMSUNGULI womdlalo wethelevishini omusha we e.tv, okhuluma ngempilo yomahosha uMandla N, uthe bazosisingatha ngobuchule lesi sihloko njengoba sibucayi kodwa unethemba lokuthi abantu bazowujabulela.
IBlack Door okungumdlalo ozoqala ngo-Ephreli 11, ungezinye zezinhlelo ezintsha ze e.tv ezisanda kumenyezelwa. Ugadla ngomlingisi osemnkantshubomvu nogqame kakhulu kwiSibaya uLinda Sebezo noZamani Mbatha owagqama kwiSithembiso.
UMandla N, uthe abalingisi abaningi basha kulo mdlalo njengoba ethungathe ikhono kubalingisi abasha kuzona zona zonke izifundazwe eNingizimu Afrika.
“ Njengoba ukhuluma ngokudayiswa komzimba inhloso yawo akukhona ukugxila eziqeshini zocansi kodwa ukubheka izinto ezenzekayo uma kudayiswa umzimba. Nazo iziqephu zocansi ngeke sikubalekele ukuthi zikhona futhi zizobe zishisa kodwa sizocophelela ngoba wudaba olubucayi lolu esikhuluma ngalo,” kusho uMandla N.
Ngesikhathi wethulwa kuvele ukuthi lo mdlalo uqukethe izithombe neziqephu zocansi ezishisayo. Uzokhonjiswa ngo-9:30 ebusuku phakathi nezinsuku futhi kulindelekile ukuthi uqubule imvunge kodwa inhloso yawo ukufundisa abantu ngebhizinisi lokudayisa ngocansi.
Umdidiyeli omkhulu womdlalo uMpumelelo Nhlapo, uthe abukeli kumele bakulindele ukubona iziqephu ezivuthayo zokuya ocansini.
“Saqale sathuka, saba nokungabaza ngenkathi isiteshi i-e.tv sisazisa ukuthi sifuna senze umdlalo walolu hlobo. Wumdlalo ozotshengisa ibhizinisi lokudayisa imizimba ukuze kuyiwe ocansini. Uthinta zonke izinhlobo zokudayiswa kocansi, nezinhlobo zabantu ezehlukene kuleli bhizinisi. Senze ucwaningo olunzulu, sakhuluma nabantu abahlukene emkhakheni wokudayiswa kocansi, ukuze sikwazi ukuyixoxa kahle le ndaba. Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi umdlalo uzodonsa ababukeli,” kuchaza uMpumelelo, osebenza noMandla N weBlack Brain .
UHelga Palmer, oyinhloko yezinhlelo ezivutshelwe kuleli kwi-e.tv, uthe kabangabazi ukuthi umdlalo uzodonsa amehlo futhi umangaze ababukeli ngenxa yezinga eliphezulu lokudidiyelwa nokulingiswa kwawo.
Isizini yokuqala yeThe Black Door, izoba neziqephu eziwu-260.