OLINGISA phambili efilimini iValley of a Thousand Hills, uSibongokuhle Nkosi, uthi akakholwa ukuthi namhlanje izoqala ukukhonjiswa kwiNetflix.
USibongokuhle (23), ulingisa indawo kaThenjiwe efilimini kanti ibophele abalingisi beqophelo eliphezulu okubalwa uMandisa Vilakazi, Wiseman Mncube, Glen Gabela, Philani Sithembe, Nqobile Dhlomo nabanye.
“Akukholakali. INetflix yinkundla enkulu yamafilimu nemidlalo ewuchungechunge,” kusho uSibongokuhle, odabuka eMnambithi.
“Kuyangimangaza kahle, kahle ngoba ngaya kwinhlolokhono evuleleke kuwona wonke umuntu. Akunikwanga umuntu owaziwayo. Ngangizitshela ukuthi kuzoba yinto encane njengamafilimu akwiLokshin Bioskop. Uma isiwina imiklomelo phesheya futhi idlala kwiNetflix, kuyamangaza.”
Le filimu inqobe umklomelo weBest Feature Film kwiToronto Film Festival noweBest African Film kumaCannes Film Awards. Ikhuluma ngabesifazane abathandana nabobulili obufana nobabo. Bayahlukaniswa bese kuthi omunye aphoqwe ukushada nomfowabo waloyo abethandana naye.
Ngokusho kukaSibongokuhle, indawo ayilingisayo igxile kowesifazane onenkani futhi olwela uthando noma kunzima.
“UThenjiwe unekhanda eliqinile. Uthanda izinto zenzeke ngendlela yakhe. Unothando kakhulu futhi akekho umuntu ongamtshela okunye. Nami nginjalo, uma ngithanda kuvele kudume ikhanda. Uyalulwela uthando.”
Uthe asebake bayibona ifilimu bahlale bembuza ukuthi uthandana nabanye abantu besifazane yini?
“Yiwona mbuzo wokuqala loyo wokuthi ngithanda namanye amantombazane yini. Kusho ukuthi ngidlale kahle bayayikholwa into abayibonayo,” kubeka uSibongokuhle.
Phambilini udlale indawo kaThembinator kwiDurban Gen, kanti uke wabonakala emdlalweni Uzalo, elingisa indawo kaNdoni.
USibongokuhle uqhube wathi uthemba ukuthi ifilimu izoba yithikithi lokumweza phesheya kwezilwandle.
“Ngiyalithanda izwe lami kodwa iphupho lami ukugcina ngilingisa phesheya. Ngiyagqugquzeleka uma ngibona oThuso Mbedu noNomzamo Mbatha. Kusho ukuthi kuyenzeka. Imali yaphesheya ingcono futhi yiyona nto esiyifunayo. Ngiyazi ukuthi kuzokwenzeka.”
Uthe okwamanje usafuna ukungenisa eGoli, ngaphambi kokuthi aye phesheya uma esethola into ebambekayo.
USibongokuhle, oqale ukulingisa emidlalweni yeshashalazi, ugqugquzele abantu ukuthi bayibuke ifilimu ngoba ikhombisa ukundlondlobala komkhakha wamafilimu KwaZulu-Natal.
“Ubani ongafuni ukubuka ifilimu ewine imiklomelo eToronto, eCanada? Bukani ifilimu niseseke njengabantu baseThekwini. Ixoxa ngento eyenzekayo ezweni. Izofundisa futhi ngezinkoleloze ngabantu abathandana nobulili obufana nobabo ngoba abanye bathi kusho ukuthi kumele uyothwasa. Yize imnandi kodwa iyafundisa futhi,” kusonga umlingisi.