KUBUKEKA lehla isasasa lababukeli bezinhlelo ezikhonjiswa manje esiteshini iMoja Love (157), njengoba izinhlelo zakhona zingabonwa kwezingu-30, ezihamba phambili kwiDStv.
Lesi siteshi uhlelo lwakhona oluthi Uyajola 9/9 neYou Promise to Marry Me, zifike zenza kahle kulesi siteshi uma kuza kubabukeli.
Uhlelo Uyajola 9/9 luke lwamisa kabi umdlalo iThe Queen, namanje osatabalasa ukubuyela endaweni yokuqala ezinhlelweni zakwaDStv njengoba manje sekukhonya umdlalo Igomora.
IThe Queen kubukeka sengathi abantu abayithakaseli muva nje njengoba ezibalweni zakamuva ibambe indawo yesithathu.
Lo mdlalo ufike wagudluzwa endaweni yesibili, umdlalo Ehostela.
Muva nje iThe Queen inababukeli abangu-1.6 million kuthi Ehostela ibe nababukeli abangu- 1.7 million.
Umdlalo Igomora endaweni yokuqala imi ngababukeli abangu-1.8 million.
Izinhlelo eziqale kanye kanye nomdlalo Ehostela zona akuzihambeli kahle uma kuza kubabukeli njengoba eziningi zazo zingaveli ngisho kuTop 10.
Umdlalo othi Mzali Wami ubambe indawo yesishiyagalombili.
Uhlelo oluthi Mnakwethu: Happy Ever After, nohlelo olukhuluma ngempilo yomndeni wakwaRanaka akuzihambeli kahle njengoba zikhuze ibuya kulo nyaka.
Kwa-e.tv nakhona kube nezinguquko ezimbalwa njengoba umdlalo Imbewu:The Seed uthathe indawo yesithathu wagudluza umdlalo iRhythm City.
Imbewu muva nje ibukwa abantu abangu-4 389 698, kanti umdlalo ohamba phambili kulesi siteshi iScanda!l ubukwa abantu abangu-5 268 943.
Umdlalo iDurban Gen kubukeka uthwele kanzima ngasekunyukelweni ababukeli njengoba uhleli endaweni ka-13, ngababukeli abangu-2 077 657.
KuSABC2, azikho izinguquko ezitheni njengoba umdlalo iMuvhango kusawuhambela kahle futhi usabambe indawo yokuqala.
KuSABC1 ababukeli bomdlalo Uzalo, basaqhubeka nokwehla njengoba manje bemi ku-8 531 249.