UNONTANDAKUBUKWA ongaconsi phansi kubalandeli bakhe, uthi umsebenzi wokuba semkhakheni wezokungcebeleka usishintshile isimo sakubo.
U-Quality Biyela waseNhlungwane, oLundi usephenduke isilomo kwiFacebook nakwi-Instagram ngenxa yengqephu yakhe ekhonzwe ngabesilisa abazifela ngezimpahla ezithandwa ngamabhinca.
Le nsizwa ivamise ukufaka amavidiyo ayo, ichoma kuwo ngamalebuli abizayo esuke iwagqokile.
Iphinde ibonakale isezindaweni zokucima ukoma, ingcolise amatafula ngotshwala obumba eqolo. Kwamanye amavidiyo ibonakala iphethe insavunsavu yamaphepha emali.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe ukhule ngaphansi komndeni ongenayo imali kepha ethanda izimpahla zokugqoka ezibizayo. Wathi yize isimo besingesihle, lokho akuliphazamisanga iphupho lakhe lokuphokophelela phambili.
"Ngikhule ngiwumfana obethanda ukugida. Igama elithi Quality, ngilithole emgidweni ngenxa yendlela ebengizicwecwa ngayo uma sengigida. Bebechazeka abantu uma sebebona ngenza engidume ngakho. Kuthe uma kuhamba isikhathi ngabe sengikwazi ukuthola amasenti okuthenga izimpahla zokuswenka," kulandisa unontandakubukwa.
Eqhuba, uthe ngemuva kokuvula ikhasi ezinkundleni zokuxhumana uqale ukufaka izithombe zemiswenko yakhe. Uthe isibalo sabantu sinyuke ngesivinini ngoba bebona amavidiyo emakhasini akhe.
"Isimo sasekhaya siqale nokushintsha kwebesiyikho ngoba umuntu ubesekwazi ukwenza imali ngalo msebenzi. Kumanje ngiyinxusa leBogart. Ngigqoka izimpahla zayo bese ngiyakhokhelwa," kubeka le nsizwa.
Iqhuba ithe ukuba ngunontandakubukwa kuyisebenzele ngoba isingene nakwezokulingisa nasemculweni. Kumanje imatasa ne-albhamu entsha ehlela ukuyikhipha ngoSepthemba.
"Angizange ngiyenze inhlolokhono yendawo engayilingisa kwisizini yesibili yeHostela. Nasemdlalweni obizwa ngokuthi Uyangenza, angiyenzanga inhlolokhono. Ikhono enginalo, ophrojusa bemidlalo balibona kumavidiyo engiwafakayo emakhasini ami," kuchaza uQuality.
Le nsizwa ezalwa nezinsizwa ezimbili, iphinde yaveza ukuthi ingeyozalo olulodwa nomsakazi woKhozi FM, uZimiphi "Zimdollar" Biyela.
Iphetha, iyale abantu abasha ngokuthi bangadikibali kepha bakholewe emaphuphweni abo.
"Intsha ayingaziyekeleli. Buka nje mina ngiqhamuka emndenini ongenalutho kodwa ngikwazile ukufeza amaphupho ami eminyaka," kuphetha uQuality.