USENONYAKA nezinyanga ezimbalwa nje elingisa indawo kaMazet emdlalweni osakazwa kuMzansi Magic kodwa uSiphesihle Ndaba useyisithandwa sababukeli abangaphezu kuka-2.3 million. Indlela akhipha amangwevu ngayo ungaze uzitshele ukuthi usenamava kanti uyaqala ngqa ukuvela kwithelevishini ngeGomora.
Akayona intandokazi yababukeli kuphela kodwa nongoti bakulo mkhakha sebeqalile ukumvuma uSiphesihle. Muva nje usanda kuhlabana ngomklomelo wokuba wumlingisi wesifazane ovelele emhlabeni jikelele onyakeni ka-2021 kumaVN Global Media and Entertainment Awards-Live Streaming.
Kulo munxa uSiphesihle uqumbe phansi ozakwabo okunguThuthuka Mthembu onguNonka kuZalo; uZandile Madliwa wodumo kwiThe Kissing Booth neWhen We Were Black noCandice Modiselle obenguLerato Matema kwiGenerations The Legacy.
Ekhuluma neSolezwe NgoMgqibelo, uSiphesihle uthe ukuqokwa nje kukodwa kumfudumeze inhliziyo.
"Njengeciko kuhlale kuyinto enkulu ukwazi ukuthi isikhathi esiningi osichitha uzilungiselela namahora owachitha uqopha kanti uyaqashelwa." Uthe nakuba bona njengabalingisi behlale bengabheke lutho kubantu bangaphandle kodwa ukuchonywa uphaphe lwegwalagwala kuyakhuthaza.
"Ngiyethemba ukuthi lo mklomelo uyisendlalelo sezinto ezinkulu ezizayo," kushaya ngezinqamulelayo uSiphesihle.
Le ntokazi ayigabile kuphela ngekhono kodwa nasemfundweni iyisiqengqe. Uneziqu ezimbili azifundele eRhodes University, okungezeBSS kwiPsychology nakwi-Economics nezeHonours kwiDramatic Arts. Ubuye wahloma ngeze-Arts Management azenze izinyanga eziyisithupha esebenza khona eRhodes University nezomculo aziphothule e-ABRSM.
Ngaphambi kokulingisa kwiGomora, uSiphesihle uke wabhala imidlalo ethi Skinned, We are Proud To Present, Joined Meqoqo Collective, I Am An Emotional Creature, The Witches ne-Ants.