CHARLES KHUZWAYO
BASHAQEKILE kushona inkakha yeciko kwezokulingisa nakwezomculo we-jazz. Le ngwazi kwezikaqedasizungu uDiphapang Phillip, ibidume ngo’Bra Pubs’ Mbele, emidlalweni yeshashalazi neyethelevishini.
BASHAQEKILE kushona inkakha yeciko kwezokulingisa nakwezomculo we-jazz. Le ngwazi kwezikaqedasizungu uDiphapang Phillip, ibidume ngo’Bra Pubs’ Mbele, emidlalweni yeshashalazi neyethelevishini.
UBra Pubs (70), owaqala ukwaziwa eseyilungu lebhendi kaDolly Rathebe, nasemidlalweni yeshashalazi kaGibson Kente, ushone ngoLwesine esibhedlela iChris Hani Baragwanath, eGoli.
Wangeniswa esibhedlela ngoJabuwari 16 nonyaka, exinwe ukugula okungadalulwanga.
USylvester Bodibe, okhulumela umndeni kaBra Pubs, uthe udlula nje emhlabeni, ubesegule isikhathi eside. Wathi ukushona kukamufi kufana nokuwa komuthi omkhulu endimeni yezobuciko. Uthe umufi ubenothando lokwabelana nabantu ngolwazi, lwanoma yini okubalwa nezepolitiki.
"Ubenekhono lokufika kuxabene ubendle kodwa axazulule lolo dweshu ngamancoko akhe," kusho uSylvester.
UBra Pubs wazakhela udumo ngokulingisa emdlalweni ehlukene okubalwa neKhumo Lehumo Le Kgosi: War ngo-2013, lapho ayelingisa indawo eqavile kaKhumo. Walingisa nomufi uThandeka Mdeliswa, efilimini emfishane ebikhonjiswa kuMzansi Bioskop ethi Legend, engumculi we-jazz.
Uqale ukugqama emkhakheni wezobuciko esedlala isigingci sebhesi emdlalweni weshashalazi kaBra Boikie Mohlamme noRoseline Morapedi, osihloko sithi iMahlomola The Musical Wazakhela ugazi ngokusebenza kwibhendi yomculi ohlonishwayo kuleli nasemazweni angaphandle, uDolly Rathebe.
Uzokhumbuleka ngeqhaza alibamba emidlalweni kaGibson Kente okubalwa nothi Lord Why, kusukela ngo-1980. Wabuye walingisa nakothi Amen The Musical, lapho ayebuye alingise indawo kaGatsheni, adlale isigingci futhi abe ngumphathi webhendi. Ngo-1985 uBra Pubs waqhubeka nokulingisa emidlalweni kaGibson wabamba iqhaza kothi No Peace In The Family, lapho ayelingisa abuye abe wumculi noDuma Mnembe, Zakithi Dlamini noNomazizi Malose.
Ngo-2000 wethulwa nguMlangeni Nawa, ukuba adlale kwiSidingo indawo kamalume wakhe, waseThaba Nchu.
Inkonzo yesikhumbuzo sikaBra Pubs sizobanjelwa eBaseline, eJohannesburg Newtown, Gauteng namhlanje ngoLwesine phakathi kuka-12.30 emini no-4 ntambama. Uzofihlwa ngoMgqibelo ngoMashi 5, emuva kwenkonzo ezoba sendaweni engakaqinisekiswa ngenxa yokuthi kuzolandelwa uhlelo lukahulumeni.