ABEMIKLOMELO yezokulingisa ehlonishwayo eNingizimu Afrika amaSouth African Film and Television Awards (Saftas), banxusa ukuba kuthunyelwe imingenelo yeminxa yokuhlonipha abenze kahle.
AmaSaftas okuzobe kungaka-15 uma esenziwa kulo nyaka ngoMeyi 21 no-22.
INational Film and Video Foundation ebhekele imiklomelo ifuna imingenelo emunxeni weLifetime Achiever Award.
Kulo munxa okwake kwahlonishwa kuwo abalingisi okubalwa uThembi Mtshali-Jones, John Kani, Lillian Dube, Joe Mafela, Cynthia Shange nabanye, kufuneka abantu abanamava abanegalelo elikhulu kwezethelevishini namafilimu eNingizimu Afrika naphesheya.
Omunye umunxa okufuneka imingenelo kuwo ngoweYouth Achiever Award. Kuwona kufuneka abantu abenza umsebenzi wabo ngokuzimisela abaneminyaka engaphansi kuka-35.
Kowe-Outstanding Person with Disability Contributor Award kufuneka ophila nokukhubazeka ogqame kwezamafilimu nethelevishini, Outstanding Provincial Contributor Award okuzohlonishwa ngawo umuntu, iqembu okanye umkhankaso othuthukisa amafilimu nethelevishini esifundazweni nowe-Emerging Filmmaker Award okuhloswe ngawo ukuklomelisa umuntu osemusha kwezamafilimu nethelevishini.
Yonke imingenelo kumele ithunyelwe kwiNFVF ngaphambi kuka-Ephreli 2.
Ukungenela kweminye iminxa kuvulwe ngoNovemba ngonyaka odlule kwaze kwaba nguJanuwari 22.
Muva nje kusanda kuphuma ithenda lokufuna inkampani ezohlela umcimbi wakulo nyaka ozodonsa izinsuku ezimbili. Ukulifakela kuvalwa kusasa.