ABAZOLINGISA efilimini esihloko sithi Isiphiwo basethubeni lokubukwa kwiNew Jersey Film Festival nakwiNew Orleans Film Festival, e-USA, ngenxa yokuthi abadidiyeli bayo banonudlelwano nabagqugquzeli bale micimbi.
USandile Sangweni we-KZN Film Hub ne-M22 Productions uthe bayaqala ukuhlunga abazolingisa kwiSiphiwo e-YMCA (ngemuva kwaseShoprite), KwaMashu kusasa ngoMsombuluko, phakathi kuka-9 no-4 ntambama.
Uthe badinga kakhulu owesilisa ozodlala indawo yomfana olusa izinkomo oneminyaka ephakathi kuka-21 no-34, owesifazane ozodlala indawo ye- Architect, oneminyaka ephakathi kuka-25 no-34 nozoba ngumhlengikazi oseminyakeni ephakathi kuka-25 no-40.
USandile uthe le filimu ikhuluma ngodokotela onekhono eliyisimanga kodwa ophoqwa ukuba athathe izikhwama zikayise obe yinyanga.
"Uyenqaba ngenxa yokuthi akakholelwa ezintweni zesintu. Kanjalo nentombi yakhe ayihambisani nalokho. Ngokuhamba kwesikhathi ugcina ethwasile," kusho uSandile.
Uthe inkampani yabo seyenze inqwaba yamafilimu asebuya kuma-film festival amaningi aphesheya nakuleli. Phakathi kwamafilimu asenziwe yi-M22 kubalwa ethi Jersey Number 10, obekulingisa kuyo uRaymond Mkhize osedlala kuShaka, Ilembe.