INZIMA impilo yomlingisi wodumo kwiYizo Yizo neGomora, u-Israel “GP Ma-Orange” Matseke-Zulu, njengoba engasayitholi imisebenzi yokulingisa.
Ekhuluma neSolezwe NgoMgqibelo, uGP Ma-Orange, uthe usegqigqe kaningi kwinhlolokhono yemidlalo yethelevishini kodwa akathathwa ngenxa yokuthi usekhubazekile.
Le nkakha yomlingisi ehlonishwa kuleli nasemazweni aphesheya yanqanyulwa umlenze emuva kokuhlaselwa yisifo thizeni. Ubezwakala nasocingweni ukuthi uGP Ma-Orange ukhathazekile emoyeni.
Umlingisi obuye abe wumculi wekwaito, uthe ukulimala kwakhe emlenzeni kungase kube yimbangela yokuthi angazitholi izindawo zokulingisa.
“Nokho ngingajabula uma ngingathola umdlalo ozongivumela ukuthi ngisebenze amahora amafushane ngoba umlenze wami usalulama.”
Uthe namanje akakasitholi isihlalo esinamasondo kodwa usahamba ngezinduku.
“Ngiyazama ukuhlala nginethemba ngesimo esengikuso futhi ngiyafunda ukwamukela.”
Uthe yize bekungelula kodwa baningi abantu abamsizayo futhi abamesekayo.
“Umndeni wami, abangani nomakhelwane bami bonke bayangisiza futhi bayangeseka futhi ngiyabazisa kakhulu ngalokho,” kusho uGP Ma-Orange.
Uqhube wathi nakuba engabonakali kwithelevishini kodwa ubesebenza nabakhiqizi bamafilimu futhi esiza ekukhiqizeni ifilimu nomngani wakhe.
“Bekuhlale kuyiphupho lami ukuthi ngelinye ilanga ngisebenze, ngikhiqize amafilimu ami. Ukulingisa akukaze kube yindawo yami yokugcina. Ngakho-ke lesi sikhathi enginaso siyangisiza ukuthi ngigxile kulokho.”
Uthe ngaphandle kokusebenza ekukhiqizeni ifilimu umatasatasa ngomculo njengoba ezokhipha i-albhamu entsha.
“Ngiyakujabulela ukubuyela emculweni futhi ngiyethemba abantu bazowujabulela umculo engibaphathele wona.”