IHLUKENE inhloko nesixhanti phakathi komlingisi uCornet Mamabolo nomdlalo wethelevishini osakazwa kwi-1Magic, iThe River.
Izindaba zokuhamba kukaCornet, obesalingise izinyanga ezimbili, zidalulwe nguye lo mlingisi ekhasini lakhe le-Instagram. Ubelingisa indawo kaLerumo kwiThe River kodwa wazakhela ugazi ewuTbose kwiSkeem Saam, uthe ukujabulele kudlala kwiThe River.
"Njengomlingisi, isikhathi esiningi ngaphambi kokuthola ithuba endimeni yokulingisa uke ufise sengathi ungalingisa emdlalweni noma indawo ezokubeka kuleliya zinga. Uma sewuyitholile, ube sewuqala ukulingisa ngempela. Ingane ekuwe isuke seyifuna ngempela ukudlala nokubhekana nezinselelo ezintsha osuke uzifisela indawo oyilingisayo nomdlalo okuwo, ukuze ingane ekuwe iphile." U-Cornet uthe indawo kaLerumo wayazi ukuthi kufanele ayithande ukuze izibukeli ziyizonde.
"Ingenye yezindawo okuthi uma izibukeli zikuthandile kuyona, kuchaza ukuthi ubhacazile emsebenzini wakho njengomlingisi. Indawo emjabulisayo umlingisi kodwa ngenyanywa yizibukeli." U-Cornet uthe ukujabulele ukuthola ithuba lokuba yingane futhi nelokudlala ukuze aphilise indawo kaLerumo.
"Ngizizwe ngibusisekile ngokwethenjwa ngalo mdlalo onobumnyama. Ngiyabonga kakhulu enkampani ewukhiqizayo, kubaqondisi abayisimangaliso abangisizile ngobekufanele ngikhethe kukho kule ndawo, abalingisi abanekhono eliyisimanga futhi abenze kwalula kimi ukuqonda ingqikithi yalo mdlalo."
Esephetha uCornet ubonge nethimba labadidiyeli ngokukwazi ukugqiba amahlazo abewenza ngesikhathi sekuqoshwa. Yize izibukeli zincomile ikhono lakhe ngendawo kaLerumo, kodwa iningi lithe akabuyele kwiSkeem Saam ngoba uyakhumbuleka khona. U-Cornet yiciko elidabuka eLimpopo futhi elaphothula uGrade 12 eQinisweni Secondary. Nakuba kubo babefuna enze izifundo zobudokotela kodwa yena waqoma ukwenza ezeBachelor of Arts, Dramatic Arts e-University of Witswatersrand. Waqala ukuveza ikhono lakhe lokulingisa emidlalweni yeshashalazi eyayikhonjiswa e-Ivory Park, eTembisa. Kusukela lapho akabange esananaza.