USiyasanga (34), odabuka e-Eastern Cape kodwa osezinze ePretoria, uthe eminyakeni edlule abalingisi abazimukile bebelingisa izindawo ezingatheni.
“Besifakelwa ukudlala izindawo ezinamahlaya ukuze sihlekise ababukeli. Besinganikezwa izindawo ezizoqhakambisa ikhono lethu lokulingisa. Besingakwazi ukuxoxa izindaba zethu ngamakhono ethu, ”kuchaza uSiyasanga.
Uthe ukujabulele kakhulu ukulingisa indawo kaPretty kwiGomora ngoba yindawo eqavile.
“Eminyakeni engu-15 ngikule ndima bengilokhu ngidlala izindawo ezingatheni. Bengingakaze ngidlale indawo lapho bengikhombisa khona ikhono lami.
“Njengomuntu wesifazane waseNingizimu Afrika, ziningi izindaba enginazo engifuna ukuzixoxa. Ukuzimuka emzimbeni akukaze kwaba yinkinga kimi. Ngeke nje ubone ukuthi ngikhuluphele uma sengigida ingoma esteji.”
Uthe ukuzimuka ngomzimba akusiyo into yamanje kodwa yinto azalwe nayo.
“Kuqala bengizinyeza ngomzimba wami. Ngokuhamba kwesikhathi ngigcine sengiwumukela, ” kubeka uSiyasanga.
Echaza ngendawo ayidlalayo, uthe uyayithanda ngoba ihluke kakhulu nempilo ayiphilayo.
“UPretty ukhulumela safuthi, futhi uwumuntu onenhliziyo ebambayo nenamagqubu kanti mina nginenhliziyo enhle. Uma nginenkinga nawe, ngiyakuqonda ngikutshele nje ukuze sidlule kulokho.”
Uthe waqanjwa ngoSiyasanga Isandla SeNkosi, ngenxa yokuthi watholakala sekuphele iminyaka emithathu elindelwe.
USiyasanga owaphothula uGrade 12 e-Elandspoort Hoer Skool ngo-2004, uthe uke wazungeza iVienna, okuyinhlokodolobha yase-Austria ne-UK nomdlalo weshashalazi osihloko sithi Relativity kusukela ngo-2005.
Kusukela lapho akabange esabheka emuva ngoba ugcine eselingisa kwiGenerations, Hillside, Isibaya, Isithembiso, Rhythm City, Saints and Sinners, The Herd nakwi-Usindiso.
Yize u-2020 ukhungethwe yiCorona kodwa yena uke wamphatha kahle. Ubeqokwe kuma-2020 Naledi Theatre Awards emunxeni weBest Featured/Supporting Actress In A Musical ngokulingisa indawo kaMichael/Mama emdlalweni othi Santa Clause is Coming To Town.
Akagcinanga lapho kodwa uphinde waqokwa kuma-2020 Royalty Soapie Awards emunxeni we-Outstanding Supporting Actress lapho etholene phezulu noNomsa Buthelezi weGenerations The Legacy, uSannah Mchunu weGomora, uLydia Mokgokoloshi weSkeem Saam noZandile Msutwana weThe Queen.
*Abadle umhlanganiso kuma-4th Royalty Soapie Awards bazomenyezelwa kuSABC 1 ngoSepthemba 26 ngo-8 ebusuku.