SITHATHWE nguBerenike “Berry” Trytsman isicoco somncintiswano womculo ama-Idols SA osongwe ngeSonto ntambama.
UBerry (31) waseKapa uhlule uKarabo Mathe (31) waseHebron, eNorth West abesesele naye kowamanqamu.
KwiWoodern mic kunqobe uNonelela Roxy waseKapa owayecula ingoma ekhuluma ngeCoronavirus.
Ngesonto eledlule kushabalale amathemba eKwaZulu-Natal kuphuma uS’22kile. Lo mculi ukhiphe ingoma ethi Falling futhi uthole inkontileka yokuqopha neKalawa Jazmee Records.
NoBerry noKarabo bathole izinkontileka nale nkampani. UBerry ukhiphe ingoma ethi Ungowami kanti uKarabo ukhiphe ethi Hosanna.
Umphathi weKalawa uDJ Oskido uthe weneme ngendlela abantu abazamukele ngayo lezi zingoma futhi wabonga abantu ngokubaseka.
Ngokunqoba ama-Idols SA uBerry uthole ukheshi kaR1 million, imoto iRenault Kiger, iselula, izimpahla zokugqoka, izinsimbi zomculo nokunye.
Ohlelweni lwamanqamu bekunandisa iMafikizolo ngengoma ethi Mamezala, Musa Keys noNobantu Vilakazi abashaye ingoma ethi Vula Mlomo, owanqoba nyakenye uZama ocule ingoma ethi Isthunzi nabanye.