UJABULELA ukuthi uhlelo lwakhe olumayelana nesithembu sakhe luzobukwa nangabantu abangenayo imali yethelevishini ekhokhelwayo nokuyilapho naye ephuma khona usomabhizinisi wakuleli okuzoqala uhlelo lwakhe olwenzeka ngempela ngoMgqibelo ozayo.
ULucky Gumbi (38) oyinjinga yezimayini okuqala uhlelo lwakhe oluthi The Gumbi’s, kuSABC1 ngoNovemba 7 ngo-6 ntambama, uthe kuningi okuzofundwa ngabantu abazobuka uhlelo lwakhe njengoba kuzovela ukusuka nokuhlala kwemvelaphi yakhe aze afinyelele lapho ekhona nendlela angawalahlile ngayo amasiko akhe.
Engxoxweni yakhe neSolezwe ngoMgqibelo uthe uzizwa ebalulekile ngaleli thuba lokuthi akhuthaze nabanye ngohlelo lwakhe.
“Ngizalelwe eJozini kodwa ngakhulela eMtubatuba ngikhuliswa kanzima umama emuva kokushona kukababa ngineminyaka emithathu. Lokho akuzange kunginqande amandla okuthi ngifinyelele lapho engiphikelele khona nokuyinto engifisa nabanye bayithathe kumina,” kusho uGumbi.
Uthe imvelaphi yomuntu ayisho lutho ngekusasa lakhe kodwa kukumuntu ngamunye ukuthi ufisani ngempilo yakhe.
“Uma ufisa ukuba yiphara empilweni uzobuza amanye amaphara angaphambi kwakho nakanjalo nami ngoba ngangizazi ukuthi ngifunani, indlela ngayibuza kwabaphambili,” kusasho uGumbi onomoya ophansi uma ekhuluma.
Ohlelweni lwakhe uzobe evela namakhosikazi akhe amabili, uBayede Cebekhulu Gumbi (30) noNombuso Malinga Gumbi (24) nezingane zabo ezine.
UGumbi uveze ukuthi bese kuyisikhathi eshelwa yiziteshi zethelevishini ngalolu hlelo njengoba egcine evumile ukushutha noSABC1.
“Ngebhadi sishuthe ngesikhathi se-lockdown nokwenze ukuthi okunye kusale ngaphandle ohlelweni njengokuvakashela amazwe aphesheya okuyinto engiyenza izikhawu ngonyaka,” usho kanje.
UGumbi onemizi eRichard’s Bay naseBallito uthe okunye okuzovela ngaye ohlelweni wukuthi uyilungu lokuqina laKwaShembe.
“UNyazi olwethu! Kuningi okuzovela ngenhloso yokugqugugquzela nabanye ukuthi bazibambe ziqine. Ngithemba ukuthi abantu bazolithakasela uhlelo lwethu size siphinde sithole ithuba lokwenza isizini yesibili,” kuphetha uGumbi.